MLUNGISI GUMEDE
KUFANISWE nokusha komtapo wolwazi ukushona kukaNksz Lulu Dube obeyindodakazi kamengameli wokuqala we-ANC uDkt John Langalibalele Dube.
UNksz Dube (85) ushone ngoLwesine olwedlule ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi.
Izikhulumi eziningi enkonzweni yezikhumbuzo ebisePlayhouse zimchaze njengenqolobane ehambayo.
Obekhulumela umndeni wakwaDube uMnuz Siyanda Nxumalo futhi onguthishanhloko oHlange High School, uthe uNksz Dube ubefana nomtapo wolwazi ngoba izinto eziningi abebezidinga befisa ukwazi ngazo bebezithola kuyena.
“Ukuhamba kukaMam’ Dube kufana ncamashi nokusha komtapo wolwazi ngoba ulwazi ebesiluthola kuye lucekeleke phansi,” kusho uNxumalo.
Umholi we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, obephethe uhlelo ufunge wagomela ukuthi i-ANC izophumelela ku-ward 55 lapho bekuhlala khona uNksz Dube, egameni lokumhlonipha.
“Ngeke size sihlulwe abantu abaphume kwi-ANC bakhetha ukuzimela okhethweni ngoba kade sebecabanga ukuthi bakhulu kunombutho. Uma uhamba embuthweni uhamba nebhantshi lakho kuphela,” kusho uKaunda.