BONGIWE ZUMA
NGAPHANDLE kwephimbo lakhe nezingoma ezinomyalezo owakhayo, bekukuningi okwenza umsebenzi kaSfiso Ncwane uvelele futhi ube sezingeni eliphezulu.
Isandla sikankosikazi wakhe u-Ayanda Ncwane obeyiMenenja yakhe ofike empilweni kaNcwane washintsha izinto eziningi kusukela endleleni yokugqoka nabukeka ngayo esiteji, emicimbini kanjalo nasehhovisi kwenze omkhulu umehluko.
U-Ayanda ufike kwacaca ngomsebenzi weNcwane Communications lokhu ekwenza njengomphathi nonkosikazi wakhe ophinde athole izindaba ezingamthokozisi.
Abasondelene no-Ayanda bawushayela ihlombe umsebenzi wakhe ngokukwazi ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa.
Omunye wabantu abazi kangcono ngeNcwane Communications ngusomabhizinisi wodumo eThekwini, uNkk Nto Majozi, ochaze u-Ayanda njengowesifazane onesibindi obekwazi ukwamukela izinto ezingezinhle nezingelona iqiniso ebezibuye zishiwo ngomyeni wakhe. Uthe ngaphandle kwalokho bekuthi uma kunzima kube u-Ayanda omisa isibindi uNcwane.
“Wenze umsebenzi wokuba ngunkosikazi waphinde wakwazi ukuhlukanisa umsebenzi nezothando. Bekungakaze uzwe kuthiwa u-Ayanda uhlulekile ukumelana nezindaba ezithinta umyeni ngisho noma bezingezinhle ubekwazi ukwehla, ehlukanisa nezinto ezingehlisa isithunzi somyeni wakhe.
“Ubemthanda umyeni wakhe emhlonipha, emkhulisela nezingane ngaphandle kokukhononda. “Ngimfisela isibindi namandla okuqhubeka nokunakekela umndeni wakhe noma engasekho uNcwane,” kusho uNkk Majozi .
Omunye futhi umuntu osondelene kakhulu no-Ayanda nowaqala ngokuzwana noNcwane behlanganiswa umsebenzi wobuntatheli uNksz Sanelisiwe Bhengu we-Unique PR and Events. Uthe u-Ayanda ubezithobile kumyeni wakhe nakubantu abasondelene naye.
“Ukuba unkosikazi nemenenja uphinde uhleke nabo bonke abantu abathanda umyeni wakho ngisho nabesifazane abahle akubi lula futhi akuwona wonke umuntu okwazi ukwenza njengo-Ayanda.
“U-Ayanda ubeqinisekisa ukuthi uyabalalela abalandeli bakaNcwane futhi azisebenzise iziyalo zabo ngoba ubebeka umsebenzi womyeni wakhe phambili.
Ukushona kukaNcwane akusho ukuphela kobungani kuthina njengabantu ebesisondelene nabo ngoba ukube wayengenalo uthando lwabantu ngabe bekungenzeki,” kusho uNksz Bhengu.