Uchitha amahemuhemu nge-albhamu yakhe uT’zozo

Comment on this story
no tizozoz 1 . UTZOZO ukuthi kungamanga ukuthi usetshelwe ukuthi akayiqale phansi i-albhamu yakhe entsha

SIZWE BLOSE

UMCULI wekwaito osengusomabhizinisi uthe yizimfamona ezisabalalisa amahemuhemu okuthi i-albhamu yakhe izoqalwa phansi.

UThokozani Zulu odume ngelikaT’zozo uthe yena akayazi indaba yokuthi i-albhamu yakhe kumele iqalwe phansi, wathi akwaziyo ngukuthi yinye ingoma okumele ayiphinde ayicula noTuki ngoba ayiqophekanga kahle.

“Njengamanje ngiseGoli ngilinde uTuki ukuze siphinde sifake amaphimbo ethu engomeni eyodwa hhayi kwi-albhamu yonke,” kucacisa uT’zozo.

Uthe uyiqedile i-albhamu futhi wenze izingoma eziningi kunalezo ebezilindelekile.

“Osekusele ngukuthi iKalawa (Jazzmee) iyilalele bese iyasho ukuthi izophuma nini,” kuchaza uT’zozo.

Uthe ingoma yokuqala ethi Power To The Women bazoyikhipha kule nyanga njengoba kuyinyanga yabantu besifazane kwazise ikhuluma ngabo.

Udalule ukuthi le ngoma uyenze noShota kanti isiqalile ukuzwakala emsakazweni njengoba u-Oscar “Oskido” Mdlongwa weKalawa ophinde abe ngumsakazi kwiMetro FM eyidlalile ohlelweni lwakhe oluba njalo ngoMgqibelo kulo msakazo.

UMandla ‘Spikiri’ Mofokeng ongomunye wabaqondisi beKalawa okuqopha kuyona uT’zozo uthe kuseva ukuthi baphume nenyanga abazokhipha ngayo le albhamu kaT’zozo.

“Lo mculi usaqopha, i-albhamu ayikakapheli, yingakho ngithi kunzima ukuthi siqhamuke nosuku noma nenyanga ezophuma ngayo,” kusho uSpikiri.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi angahlawumbisela yini ukuthi izophuma kulo nyaka noma ngonyaka ozayo, uSpikiri uthe noma kanjani izophuma kulo nyaka.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.