SIZWE BLOSE

UMCIMBI weVodacom July ozokuba seGreyville ngoMgqibelo uba namatende amaningi kodwa kuba nalawo agqamile nathokozelwa yiningi labantu.

Itende elibalulekile nelingaconsi phansi kubathandi bobumnandi kuyaye kube eleMTV Base Lifestyle Oasis.

Leli tende lizotholakala e-Ascot Village ngasohlangothini lobumnandi lizobe libophele abaculi abangaconsi phansi iMiCasa, Zakes Bantwini, Teargas, Vinny Da Vincy, Lulo Café, JR, Pro nabanye.

Abathandi bobumnandi bathi unontandakubukwa ozobe engekho kuleli tende uzobe engekho ezintweni.

I-Lifestyle Oasis izophinde ibe ne-pre kanjalo ne-after party eDe La Sol kuFlorida Road.

Kuleli tende kuzokube kungenwa ngo-R650 umuntu oyedwa kanti uma ufuna elezicukuthwane ungathumela i-email ethi [email protected]

Ukuba khona kwetende le-Afrotainment elizokube liqala ukuba khona kulo nyaka kubukeka kuzophungula isibalo sabantu abaya etendeni likaMabheleni Ntuli njengoba kugcina sekunesinyokotho kulona.

UDJ Tira ukuqinisekisile ukuthi njengoba i-Afrotainment izobe iqala ukuba netende, bafuna ukungena kuzwakale.

“Sifuna ukushayelela isipikili, wonke umuntu agcine ekhuluma ngetende lethu. Ukungena kuqala ku-R1 500 kuze kugcine ku-R2 600, silindele abathandi bobumnandi, osomabhizinisi abaphezulu, kwazise bavamise ukusibona emakilabhini kanjalo nosaziwayo,” kusho uDJ Tira othe abantu abaphuthume kuma-computickets.

Uthe kuzonandisa uBlackcoffee, Liquid Deep, Theo Kgosinkwe, Donald, Cndo, Big NUZ, Bharr nabanye kanti lizokube lixhaswe iphephabhuku iDrum neGagasi FM.

UKaizer Kganyago okhulumela i-SABC uthe lesi yisikhathi sokuthi baqinisekise wonke umuntu ukuthi iSABC ayihambi phambili ngokusakaza kuphela kodwa nangokulethela abantu ubumnandi.

“Iningi labantu lizowuhambela lo mcimbi ngakho leli ithuba elihle lokubavezela ukuthi sihamba phambili. Sizohambisana neMiCasa, Zakes Bantwini, Theo Kgosinkwe, Linda Sibiya woKhozi FM no-Unathi Msengane weMetro FM okuyibona abazokube benandisa,” kusho uKaizer.

Uthe bazophinde benze isiqiniseko sokuthi abantu abahlezi emakhaya bakubona konke okuzokube kwenzeka bezipholele kosofa babo.

Itende leMiller nalo lithandwa kakhulu, nakulo nyaka lizokube lihambisana nomsakazo ongenisa inzuzo kwaSABC, i-5FM, ubumnandi buzokube bukhona kudlala noDJ bakulo msakazo.