.
ucwaningo luveza ukuthi abesifazane bazinika isikhathi uma bepaka izimoto futhi yibo okuvela ukuthi bapaka kangcono kunabashayeli besilisa
UMONA phansi madoda, abesifazane bayasishaya isiteringi. Yinto esemqondweni wabantu abaningi. Abanye baze benze ngayo inhlekisa ize ibonakale sengathi iyiqiniso. Abesifazane kuthiwa bayahluleka bayancama ukupaka izimoto zabo.
Ucwaningo luphakamisa ukuthi lo mqondo kumele ufakwe igiya eliya emuva ngoba izinto sezashintsha. Ucwaningo luqhuba luthi abesifazane yibona okumele banikwe izikhiye uma kuziwa ngasekupakeni izimoto ezindaweni ezinzima lapho kungeke kupake noma ubani.
Abe British car parks operator benze ucwaningo lapho bebelandela khona abashayeli abangu 2000 besebenzisa ikhamera i-CCTV bebheka indlela abapake ngayo. Lapha bebebheka isikhathi esithathwe umshayeli ngesikhathi epaka, nendlela apaka ngayo.
Phakathi kwabantu abangu 20, abesifazane bathole amaphuzu angu 13.4 uma kuqhathaniswa nabesilisa abathole amaphuzu angu 12.3.
Abesifazane bathole amaphuzu amakhulu ngokuthi bazinika isikhathi uma bepaka futhi abadli nesikhala ebesingapaka omunye umshayeli.
abesifazane bathole amaphuzu angu 53 uma kuqhathaniswa nabesilisa abathole angu 25 ngendlela abapaka ngayo. Obebhekele lolu cwaningo uNeil Beeson uthe kumele ushintshe lo mqondo wokuthi ngabesilisa abapaka kahle kunabesifazane. Uthi abesilisa kusamele bafunde ukuqaphela uma bepaka basike iphethini kwabesifazane.
|
|
Services
Comment Guidelines