Udabula amazwe uZahara

Comment on this story
NO_no zahara0 inlsa UMCULI we-Afro-pop uZahara usefuna ukukhonya e-Afrika yonkana njengoba esezuze okuningi kuleli. Lo mculi kuzothi ngasekupheleni kwenyanga ezayo alibangise e-United Kingdom ukuyonandisa eWembley Arena nabanye abaculi asebezakhele igama kuleli zwekazi

FANELESIBONGE BENGU

USEFUNA ukukhonya e-Afrika umculi wakuleli ogile izimanga ewola izindondo edayisa ubuthaphuthaphu nge-albhamu yakhe yokuqala ngqa ayikhiphe ngasekupheleni konyaka odlule.

UBulelwa “Zahara” Mkutukana wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Umthwalo Wami, Ndiza ezikwi albhamu ethi Loliwe ayisapheli inyanga engayeqanga imingcele yakuleli ukuyonandisa emazweni asezwenikazi lase-Afrika.

Lokhu kushiwo wumphathi walo mculi, uThembinkosi “TK” Nciza weTS Records othe cishe kabili ngenyanga bahambela emazweni okubalwa kuwo iKenya, Angola, Ghana namanye.

“Sesizuze okuningi ekhaya njengoba siwole inqwaba yezindondo futhi i-albhamu cishe isidayise amakhophi afika kwi-million. Lokhu kuyasigqugquzela ukuthi sisebenze kakhulu sisabalale nakwamanye amazwe safike sakhonya nakhona,” kusho uNciza.

Uthe bafuna ukuthi uma benza umculo bengawenzeli abantu bakuleli kuphela kodwa besabalale ngokomqondo bawenzele nabanye abantu bakwamanye amazwe.

Kumanje balungiselela uhambo olubheke phesheya kwezilwandle emazweni ase-Europe lapho ezonandisa khona eWembley Arena ngo-Agasti 27.

Kulo mcimbi le ntokazi yasePhumlani, e-Eastern Cape, izobe ingomunye wabaculi abahamba phambili ngokubambisana nabanye base-Afrika okungoFemi Kuti, Cabo Snoop wase- Angola, Fally Ipupa waseCongo, 2Face noFlavour baseNigeria.

UTK uthe bayafa yinjabulo ngokuthola ithuba lokuyocula kuleliya zwe.

“UZahara uyaqhuma yinjabulo futhi nathi siyajabula ngoba angeke acule nje noma yikuphi kodwa eWembley Arena nabaculi abaphambili e-Afrika,” kusho uTK.

Ubuye waveza ukuthi iDVD kaZahara eshuthwe ngoJuni izophuma ngesonto lokuqala lenyanga yamagugu, uSepthemba.

Kule DVD kuvela nomculi wase-USA uLeroy Bell, yiSoweto Gospel Choir nabanye.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.