UBUYE ngezinkani uSimphiwe Dana obhale ingoma yokugubha uSuku lweNtsha ezokhishwa kusasa kwi-internet.

Le ngoma isihloko sayo sithi State Of Emergency kanti ibeka isithombe sezinselelo intsha ebhekana nazo kusuka ngeminyaka yobandlululo kuze kube manje.

“I-State Of Emergency ikhuluma ngokudideka nothuthuva kwangalesiya sikhathi nesamanje. Ziningi izinto ezifanayo ezenzeka ngaleya minyaka nezenzeka manje. Kukhona okungahambanga kahle ngesikhathi kwenzeka ushintsho okusho ukuthi sibuyela emuva njengezwe. Ukubuyisana akuzange kuhambisane noguquko. Njengoba liphezulu izinga lentsha engasebenzi, efundile nengafundile, lokho kusho ukuthi kusazoqubuka izibhelu. Sisenkingeni njengoba lokhu kuzoba yinselelo enkulu kule minyaka ezayo,” kuphawula lo mculi.

Uthi ubhale le ngoma ngoba ekholwa wukuthi akukaze kubhalwe ingoma echaza ngesidlule kukhona.

“Mhlawumbe asifuni ukukhumbula okwenzeka, yingakho sihluleka nje ukulungisa okwenzeka manje.”

Le ngoma iveza ukudinwa okukubantu bakuleli nesimo iNingizimu Afrika ekuso njengoba sekusondele ibumbe iminyaka engu-20 yabuswa nguhulumeni wentando yabantu.

Kusasa le ngoma izokwazi ukudonswa kwi-internet yibo bonke abantu bakuleli ku-Vodafone Live kanti ne-video yayo izobe isikhona ku-YouTube. – Intatheli yeSolezwe