UDavid Kau uzobe ewaqhulula ePlayhouse

Comment on this story
no hlayo . USOMAHLAYA uDavid Kau uthembisa ubumnandi bodwa eThekwini njengoba ezobe esePlayhouse kusasa

SIHLE MKHIZE

AKASAKWAZI ukulinda uDavid Kau ongomunye wezingqalabutho emahlayeni eNingizimu Afrika njengoba ezotheleka kwelikabhanana, kusasa, emcimbini obizwa ngeBlacks Only.

Lo somahlaya ongumsunguli wohlelo lwamahlaya iSo U Think U Funny uthembisa amahlaya azokwenza kube buhlungu izisu kubathandi bawo ePlayhouse, eThekwini kusukela ngo-9 ebusuku.

Uthi uselubheke ngabomvu nje lolu suku yingoba sekuphele iminyaka cishe emithathu agcina ukuhlekisa abalandeli bakhe kuleli dolobha.

“Abalandeli bami ngibathembisa into yamehlo futhi sizobe singaluqinisile ulimi, abanezingane ezineminyaka engu-13 bangesabi ukuza nazo ngoba kuzoba mnandi. Ngizobe ngingahambi ngedwa njengoba ngizobe ngibophele izinkunzi zodwa,” kuthembisa uDavid.

Osomahlaya abathwele ngeqoma ubale uSkhumba Hlophe, Thapelo Seemise, Chris Mapane, Chris Forest, Donovan Donovan, Goliath, Mondli “Usher” Mzizi noSfiso Nene osanda kuhlabana ngendondo ebibhekwe ngabomvu eqoqweni le-Audience Choice Category emncintiswaneni iSouth African Comic’s Choice Awards eGoli, ngoLwesibili.

Ebuzwa ngokuhlabana kukaSfiso eMonte Casino nowavundululwa uhlelo lwakhe ngo-2008, uthe ujabule ngendlela eyisimanga ufisa ngisho ukumthengela inyama yembongolo, esho sakuncokola.

Phakathi kweminye imisebenzi uKau athe uphezu kwayo ubale amaDVD efilimu ebizwa ngeTaxi Ride nenokuvezwa kwiMzansi Magic ekwiChannel 107, ku-DStv.

Lama DVD uthe uhlose ukuthi asuke kweyokuqala kuze kufike kweyesithupha aqhubeke futhi uma kunokwenzeka.

UKau wakewalingisa ohlelweni iPure Monate Show noKagiso Lediga nabanye.

Amathikithi alo mcimbi atholakala eComputicket kanti aqala ku-R120 kuya ku-R150.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.