Advertisement

‘UDhlomo akachaze ngama-ambulensi’

I-DA KwaZulu-Natal icindezela uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sbongiseni Dhlomo, ukuthi achaze ngokuduva kwama-ambulensi angu-400 eThekwini ekubeni ayethembise ukuthi kophela unyaka odlule esesebenza.

Umholi we-DA, kwezeMpilo, uNksz Makhosazana Mdlalose, izolo uthe uDhlomo wadukisa umphakathi ngonyaka odlule ngokuthi izimoto ezipakwe eWentworth zizolungiswa maduze zifakwe ubuchwepheshe obudingekayo ukuze zisetshenziswe.

UMholi we-DA kwezeMpilo eKZN, uNksz Makhosazana Mdlalose, osola uNgqongqoshe wezeMpilo ngokudukisa isizwe ngezethembiso azenze ngama-ambulensi angasebenzi ngonyaka odlule. Credit: Group

“UDhlomo benenhloko yoMnyango wakhe bakhohlisa ngisho ikomiti lezeMpilo esishayamthetho bethi izimoto ezingu-400 ezazithengelwe ukusiza ngeNdebe yoMhlaba zizolungiswa ngokushesha ukuze zibe sesimeni esilungele ukwenza umsebenzi wama-ambulensi. Lokhu bakusho ekuqaleni konyaka odlule ngesikhathi kunezikhalo ngokushoda kwama-ambulensi ezikhungweni zezempilo,” kusho uNksz Mdlalose.

Echaza uthe benza isiqinisekiso sokuthi kuzothi kuphela unyaka odlule konke kube sekuhamba ngohlelo sezisebenza lezi zimoto.

Uthe kuyihlazo nechilo elingachazeki ukuthi uNgqongqoshe wakhuluma into engekho ekomitini elibheke ukusebenza koMnyango.

UNksz Mdlalose uthe njengamalungu ekomiti lezeMpilo njalo uma behambele imiphakathi eyehlukene esifundazweni bazithola bebhekana nezikhalo zokuntuleka kwama-ambulensi.

Uthe okuthusayo wukuthi abantu bakhala kanjena nje kodwa kunama-ambulensi apakiwe angenzi lutho ekubeni abantu begula nxazonke bedinga usizo lwezeMpilo oluphuthumayo.

Eqhuba uthe uNgqongqoshe wezeMpilo uyathinteka kulokhu ngakho kumele achaze ukuthi kungani kushawe indiva ukulungiswa kwalama-ambulensi ukuze abesesimeni esidingekayo.

Ekuqaleni kwaleli sonto uMnyango wezeMpilo uzithole usubhekene nokugxekwa ngemuva kokusabalala kwemibiko yokuthi kunezimoto ezihleli ezingenzi lutho zezeMpilo eWentworth.

Lokhu bekungesikhona okokuqala njengoba ngonyaka odlule kwabikwa ngalama-ambulensi lapho avezwa eselele uthuli epakiwe.

Okhulumela ezeMpilo, uMnuz Sam Mkhwanazi, akazange atholakale ukuthi aphawule kule nkulumo ye-DA, nocingo lwakhe belukhala luvaleke ngokushesha kodwa imiyalezo lingayemukeli.

SHOW ALL
Advertisement