Udidekile umndeni ‘wowazibulala’

Comment on this story

MLUNGISI GUMDE noNQOBIZIZWE ZWANE

UDIDEKILE umndeni womfundi waseMangosuthu University of Technology (MUT) okusolakala ukuthi uzibulele ngokuziphonsa efulethini endaweni ehlala abafundi njengoba inkampani yomshwalense okumele imngcwabe ishaya amakhala ukukhipha imali kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi uzibulele.

UNksz Nonjabulo Mazibuko ongudadewabo kanina kaNksz Mpume Mazibuko obefunda eMUT uthe abazi ukuthi bazomfihla kanjani umufi njengoba inkampani yomshwalense (eligodliwe igama layo) ithi kusamele yenze uphenyo ngaphambi kokuthi ikhiphe imali yokumgcwaba.

“Le nkampani ithi kuzomele siyilinde izinsuku ezingu-21 isenza uphenyo lwayo. Asikwazi ukuhlala nomuntu oshone ngeledlule isikhathi eside kangaka singamfihlile,” usho kanje.

UNksz Mazibuko uthe abakakholwa wukuthi uMpume uzibulele ngoba ubengakaze ababikele lutho ukuthi kukhona okungamphethe kahle empilweni.

Uthe nabo bewumndeni abazi ukuthi ushone kanjani, bathi nguMdali kuphela owaziyo.

“Ngisho kwalona lelo soka lakhe obekuthiwa belimhlupha ubengakaze asibikele lutho ngalo, sisithuse kakhulu lesi sigameko siwumndeni,” usho kanje.

Uthe wacishe wamelwa yinhliziyo ezwa izindaba zokuthi uMpume akasekho emhlabeni ezwa ngezihlobo ezifunde kwimithombo yabezindaba.

“Kucishe konakala izinto eziningi lapha emndenini ngoba kunesinye isihlobo salapha ekhaya ebesisesibhedlela kumele sihlinzwe sezwa izindaba zokuthi uMpume akasekho,” usho kanje.

Umndeni kamufi ukhwele wadilika kwabezindaba ngokubhala lolu daba.

“Isihlukumezile indlela abezindaba abalusingathe ngayo udaba lokushona kukaMpume bavele babhala inzwabethi bangazihlupha ngokusithinta thina,” usho kanje.

UNksz Mazibuko uthe ukube abakholwa ngabe bayalixosha ithimba leSolezwe ebelibavakashele izolo.

“Sifisa sengathi singavalwa isahluko sikaMpume, kungalokhu kukhulunywa ngaye,” usho kanje.

Udaba lokushona kukaMpume lusabalale okomlilo wequbula kwiFacebook ngaphambi kokuthi umndeni wakhe ubikelwe.

UMpume obehlala eFour Seasons akucaci ukuthi uzofihlwa nini njengoba kusaqhubeka uphenyo ngokushona kwakhe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.