BONGIWE ZUMA

KUZE kwasa ejabulisa abalandeli bakhe uDJ Bongz wodumo lwengoma ethi Sobuy’ Sibonane otheleke emcimbini we-Battle oF The DJ’s obuhlelwe nguMnuz Sifiso Mkhize e-Chillaz Lounge, e-Parksgate ngempelasonto kwazwakala.

Lo mcimbi owaqala ngoLwesihlanu kwaze kwalamula ukusa izolo, ububanjelwe phakathi kwemizi yabantu nokuthiwa inhloso yalokhu ukuvundulula nokukhombisa amakhono endawo kanjalo nokujabulisa intsha ethanda ubumnandi kuze ingaphumeli ngaphandle ngoba ilandela bona.

UDJ Bongz wenze ezibukwayo ngesikhathi eqhulula amanoni adume ngawo kwavuka nobeselele.

Le ndawo ebigxunyekwe amatende igcwale yaphuphuma, ngisho nosomabhizinisi bendawo batheleke ngobuningi babo njengoba bekuphephile kulo mcimbi engekho ophazamisa omunye.

Ukufika kukaBongz nozakwabo u-DJ Cute kwenze sakhula ngokuphindiwe isibalo sabantu ebekade belindelwe kulo mcimbi.

Yize bekunamakhaza ashubisa umnkantsha kodwa uBongz ukwazile ukujabulisa abalandeli bakhe kwaze kwasa emnyango kwadlula nesikhathi sokuvala umcimbi.

Izakhamizi eziwuthokozele lo mcimbi zifisa uphinde ubuye njengoba nazo zithole nethuba lokuzakhela imali ngalezinsuku kwazise bekukhona noshisanyama nendawo yeziphuzo ezahlukene khona ngaphakathi.