UDJ Bongz uthi uphila saka

Comment on this story
NO JULYCELEB9 INLSA UDJ Bongz uthi uphila saka futhi akalele phansi ngoba usahlalelwe wumsebenzi wokujabulisa abantu. Lapha uthathwe no-DJ Tira etendeni|le-Afrotainment ebelikwi-Durban July ngoMgqibelo. Isithombe: SANDILE MAKHOBA

SANDILE MAKHOBA

UTHUSE abaningi uDJ wodumo ebonakala eswenkile emjahweni omkhulukazi iVodacom Durban July nakweminye imicimbi ebihambisana nalo mjaho ngemuva kwemibiko yokuthi ulaliswe esibhedlela.

Abalandeli bakaDJ Bongz abebembona eGreyville Racecourse bebedideka uma bebona lo DJ njengoba bekungacatshangwa ukuthi ngabe useluleme ngokwenele ukuhambela imicimbi.

UBongz wodumo lwengoma ethi Thina Sobabili ubengakhombisi zimpawu zomuntu obelaliswe esibhedlela.

Isolezwe ngoMgqibelo likhiphe udaba oluqinisekiswe yiMenenja yalo mculi, uBheko Sokhela, othe kubonwa ngokusa kuye esibhedlela.

Kulo mbiko uBheko wachaza wathi uBongz wangenwa ngamakhaza ngesikhathi eyodlala eMpumalanga.

Ephawula ngalokhu uBongz uthe empeleni ubengaguleli ukufa.

“Ngaya esibhedlela ngingaguli ngiyoxilongwa njengenjwayelo. angikaze ngilale phansi njengoba kubikiwe. Akusona isikhathi sokugula lesi kimi ngoba yisikhathi sokujabulisa abantu. Ungathi ngiphekai-albhamu eyi-double disc enezingoma ezingu-26 bengizoyenza kanjani yonke leyo nto ngigula,” kubuza uBongz.

Isolezwe lizibonele loDJ ezihambela ku-Vodacom Durban July, ezidlela ubumnandi nabanye ozakwabo abambisene nabo kwezokungcebeleka.

Ngisho esethintwa izolo ekuseni ebuzwa ukuthi uzizwa enjani, uBongz uqhubekile wathi akaguli ndawo yena.

Imenenja kaBongz ishaye ungqimphothwe izolo yathi kayishongo ukuthi sekubonwa ngokusa kuBongz.

“Yebo uBongz uke waya esibhedlela eyoxilongwa emuva kokungenwa ngamakhaza kodwa akakaze alale phansi njengoba kulotshiwe. Uphila saka,” kusho uBheko.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.