Advertisement
logoSections

UDJ Bongz uthi uphila saka

SANDILE MAKHOBA

UTHUSE abaningi uDJ wodumo ebonakala eswenkile emjahweni omkhulukazi iVodacom Durban July nakweminye imicimbi ebihambisana nalo mjaho ngemuva kwemibiko yokuthi ulaliswe esibhedlela.

UDJ Bongz uthi uphila saka futhi akalele phansi ngoba usahlalelwe wumsebenzi wokujabulisa abantu. Lapha uthathwe no-DJ Tira etendeni|le-Afrotainment ebelikwi-Durban July ngoMgqibelo.Isithombe: SANDILE MAKHOBA. Credit: INLSA

Abalandeli bakaDJ Bongz abebembona eGreyville Racecourse bebedideka uma bebona lo DJ njengoba bekungacatshangwa ukuthi ngabe useluleme ngokwenele ukuhambela imicimbi.

UBongz wodumo lwengoma ethi Thina Sobabili ubengakhombisi zimpawu zomuntu obelaliswe esibhedlela.

Isolezwe ngoMgqibelo likhiphe udaba oluqinisekiswe yiMenenja yalo mculi, uBheko Sokhela, othe kubonwa ngokusa kuye esibhedlela.

Kulo mbiko uBheko wachaza wathi uBongz wangenwa ngamakhaza ngesikhathi eyodlala eMpumalanga.

Ephawula ngalokhu uBongz uthe empeleni ubengaguleli ukufa.

“Ngaya esibhedlela ngingaguli ngiyoxilongwa njengenjwayelo. angikaze ngilale phansi njengoba kubikiwe. Akusona isikhathi sokugula lesi kimi ngoba yisikhathi sokujabulisa abantu. Ungathi ngiphekai-albhamu eyi-double disc enezingoma ezingu-26 bengizoyenza kanjani yonke leyo nto ngigula,” kubuza uBongz.

Isolezwe lizibonele loDJ ezihambela ku-Vodacom Durban July, ezidlela ubumnandi nabanye ozakwabo abambisene nabo kwezokungcebeleka.

Ngisho esethintwa izolo ekuseni ebuzwa ukuthi uzizwa enjani, uBongz uqhubekile wathi akaguli ndawo yena.

Imenenja kaBongz ishaye ungqimphothwe izolo yathi kayishongo ukuthi sekubonwa ngokusa kuBongz.

“Yebo uBongz uke waya esibhedlela eyoxilongwa emuva kokungenwa ngamakhaza kodwa akakaze alale phansi njengoba kulotshiwe. Uphila saka,” kusho uBheko.

SHOW ALL
Advertisement