Gallo Images
Kulindeleke ukuthi ahole udonga lwasemuva lweKaizer Chiefs uMorgan Gould olubukeka luyidwala njengoba kuzoqala isizini ka-2012/2013. Isithombe: Gallo Images
SIHLE NDLOVU noMBONGISENI BUTHELEZI
KUZOHLALUKA kahle uma sekuqala isizini entsha ukuthi yiliphi iqembu elizokwazi ukuhlakaza udonga lwasemuva lweKaizer Chiefs olubukeka luqinise okwedwala.
Njengamanje izitobha eziphethwe yileli qembu laseNaturena zenza udonga lweChiefs lwasemuva lubukeke luqine kunolwawo wonke amaqembu akhona ku-Absa Premiership.
IChiefs ishaya ngoSiboniso “Pa” Gaxa, Morgan “Mr Reliable” Gould, Eric “Magic Man” Mathoho bese ivale ngo-Itumeleng Khune ezintini.
Okuphawulekayo ngalaba badlali ukuthi bonke badlalela iBafana Bafana nokuchaza ukuthi kulula kakhulu ukuthi basheshe batholane. Bonke laba badlali abane bebedlala ngesikhathi iBafana ibhekene neGabon emdlalweni wobungani owinwe elakuleli ngo 3-0 emasontweni edlule.
Ngaphandle kwalaba badlali basemuva kukhona noReneilwe Letsholonyane, Siphiwe Tshabalala, Bernard Parker noLehlohonolo Majoro nabo abanesipiliyoni seBafana.
Ubani-ke ongabhekana nale nqanawe eseyakhiwe yiChiefs?
UMike Mangena owake wagijima kuyona iChiefs ubona leli qembu lizobuya lihluke kakhulu kule sizini ezoqala futhi lizokwazi ukuwina imidlalo ngenxa yobisi lwabadlali elibasayinisile.
“Uma iqembu liqine emuva kulula kakhulu ukushaya amagoli, liwine. Liyakugwema ukudedela amagoli alula ngaleyo ndlela maningi amathuba okuwina kunokushaywa,” kusho uMangena.
“Akungabazeki ukuthi udonga lwasemuva lweChiefs luzoba yimbumba futhi kuzoba nzima kakhulu ukulihlakaza. UGaxa unesipiliyoni saphesheya kanti uMathoho usevele useyibekisile kwabonakala indawo yakhe kuBafana. UGould ngeke ngiyikhulume eyakhe ngoba ungumdlali ongathembela kuyena futhi ungukaputeni nomholi ngendlela yakhe. Kuzogqamuka amalangabi kwiChiefs.”
UMangena uthe iChiefs yenze kahle ilande abadlali ebalandile ngoba iqembu lidinga isikwati esikhulu ukuze liphumelele isizini yonke.
“Njengoba ubona iPirates iphumelela ukuthi inesikwati esikhulu. Ukuhlangana kwabadlali basemuva beChiefs nokaputeni wabo u-Itumeleng Khune yinto ezoba lula kakhulu ngoba bayazana kuBafana. IChiefs ayikaze ibe nodonga oluqine kanje selokhu kwahamba uValery Nahayo noPunch Masenamela osegijima kuMamelodi Sundowns. Njengamanje bashaya ngedwala loqobo,” kubeka uMangena.
Omunye umbuzo oqhamukayo owokuthi ngabe iChiefs izokwazi yini ukuqoqa izindebe ngalaba badlali enabo?
“Ngeke kube lula ngoba inomqeqeshi omusha osafuna ukuzinzisa isitayela sakhe emiqondweni yabadlali beChiefs. Kuzomele basebenze kanzima ukuze bawine izindebe,” kuphetha uMangena.
Khonamanjalo uGaxa usevele uyithembise isibhaxu i-Orlando Pirates abazoqale babhekane nayo kwiCarling Black Label Cup ngoJulayi 28.
“Ngiyethembisa ukuthi ngizoqhubeka nokuphakamisa umdlalo wami uma sesidlala nePirates nokuyinto ebiyenzeka lapha ngingakayi phesheya kwezilwandle. Ngizoba wuhlupho njengoba bengibahlupha kulo mdlalo ngoba ubalulekile kakhulu kithina badlali nabalandeli. Angiboni kuzoba yinto elula kubona ukuthi basidle kule sizini,” kusho uGaxa.
Uthe ukudlala nePirates kuBlack Label Cup ngeke kube lula kodwa bazozama ngakho konke ukuthi bangadumazi abalandeli babo.
“Sengikulambele ngempela ukuthi ngibhekane nabo. Lona umdlalo omkhulu kakhulu, emlandweni wakuleli bonke abadlali bayaye bafise ukuba yingxenye yawo. Kungabakuhle ukuthi sivule ngokubashaya,” kusho uGaxa.
Nokho uGaxa uyazi ukuthi naye kumele alilwele ijezi kwiChiefs.
“Lapha akekho umuntu onendawo yakhe. Umuntu kufanele asebenze kanzima ukuthola indawo njengoba nami ngisazokwenza kanjalo. Ngiyathemba ukuthi nalaba badlali abasha esifike nabo bayakwazi lokho,” kuchaza uGaxa.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services