SESIQALILE ukuvuna izithelo ezinhle isitebela somculo esihamba phambili kulezi zinsuku iMabala Noise omunye wabaculi baso omatasa eqhuba umsebenzi e-United States.
Ekhasini layo kuFacebook iMabala Noise ngoMsombuluko imemezele ukuthi ihambele elinye lamadolobha amakhulu e-United States nge-Private Jet. Izolo idalule ukuthi umrepha wayo uDu Boiz, ongowokudabuka eNewcastle, KwaZulu-Natal, useqophe ivideo yeculo lakhe nomrepha wase-US uTyga, njengamanje okuthiwa uthandana noKylie Jenner, udadewabo kaKim Kardashian. UDu Boiz usebenzisane noTyga eculweni lakhe iDope Dream eselitholakala ku iTunes.
Womabili la maciko ayabonakala kwivideo yaleli culo eqoshelwe eLos Angeles, okulindeleke ukuthi iqale ukubonakala kuthelevishini maduze.
Ekhuluma ngokusebenzisana noTyga, uDu Boiz (Sandile Kubheka), uthe kube ukufezeka kwephupho lakhe. IMabala Noise isuse umsindo ngoJulayi imemezela amaciko amasha ewasayinile. Ekhuluma ngokuba kulesi sitebele neHip Hop Galaxy (YouTube) uDu Boiz uthe uphethwe kahle kuso.
“Ngiyakhula njengeciko, ngifunda okuningi ngoba bayakholelwa kimi futhi bayengeseka. Ngiyabonga ngalokho. Angikholwa ukuthi ngabe sengisezingeni engikulo manje ngaphandle kweMabala,” kusho uDu Boiz.
Emuva kokuqopha ivideo uDu Boiz uthe ujabule kakhulu ngokusebenzisana noTyga. UMatt Alonzo, umqondisi weVideo wase United States, naye uvelile kule video engugabigabi.
“Siqopha iVideo yeDope Dreams, eveza uDu Boiz ozunywa wubuthongo esemotweni aze aphaphame eseseklabhini,” kusho uMatt.
UMatt, ngokwekhasi lakhe kuVimeo, useke wasebenzisana namaciko okubalwa kuwo uJustin Bieber, The Game, Wiz Khalifa, Snoop Dogg nabanye. UDu Boiz akaconsi phansi kubathandi bomculo kuleli.