Advertisement

Udubule isoka ngenxa yesikhwele

NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE intombi yephoyisa ngecala lokudubula isoka layo kulandela ukutheleka kukamama wengane wephoyisa ezolanda izimpahla zengane KwaMpumuza, eMgungundlovu.

UNksz Ayanda Mbuyaze (29) uvele kafushane enkantolo yaseMgungundlovu izolo ngecala abekwe lona lokudubula isoka lakhe uSergeant Sibusiso Dlamini (33) ngezinhlavu ezintathu.

Lesi sigameko senzeke ngeSonto ntambama ngesikhathi leli phoyisa lizihlalele nentombi yalo engumsolwa kwafika unina wengane obekuhlelwe ukuba azolanda izimpahla zengane.

Ngokuthola kweSolezwe, kusuke ingxabano kulezi zithandani, intombi yathatha isibhamu salo iphoyisa yalidubula kathathu.

Leli phoyisa elisebenza esiteshini saseRichmond liyalulama esibhedlela. Lidubuleke esiswini.

Okhulumela amaphoyisa, uLieutenant Joey Jeevan, uthe: “Kusoleka ukuthi umsolwa uthathe isibhamu (9mm) sikaDlamini ebesiphezu kombhede emuva kokuxabana kulandela ukufika komunye wesifazane. Ube esedubula kathathu ebhekise kuleli phoyisa, inhlamvu eyodwa imshaye esiswini,” kusho uJeevan.

Amaphoyisa asePlessislaer aphethe leli cala ayaphenya.

SHOW ALL
Advertisement