UHLAKAZWE ngezinhlamvu ezingu-20 emagcekeni esonto izolo umfundisi webandla iPresbyterian, eLamontville, eThekwini. Basale bebabaza isihluku abantu bakule ndawo namalungu ebandla ngokudutshulwa kukaMfundisi Vusi Mabaso (57) ongusomatekisi.
Amatekisi akhe abehambela khona eLamontville. Uhlaselwe ngabantu abangaziwa izolo ekuseni ngabo-8 esemishini lapho ehlala khona. Abahlaseli kuthiwa bebehamba ngeVW Polo empunga. Umufi kuthiwa uphume emishini eyokhuluma nocingo nokuyilapho abasolwa bemdubule bephindelela, kuthiwa noma eselele phansi bebelokhu bemdubula njengoba nesandla size sahlephuka.
Lokhu Isolezwe likutshelwe ngomakhelwane abebegcwele ngaphandle kwegceke emishini. Kuvele ukuthi yize uMabaso ebehlala emishini kepha unomuzi eYellowood Park.
Isolezwe lifika emishini izolo ekuseni isidumbu sikaMabaso besisambozwe ngendwangu kuvele iteku elimhlophe abeligqokile. Ubelele ebheke phezulu kodwa igazi lingagelezi, amanye amagobolondo ezinhlamvu abesabonakala.
Amatekisi amabili angama-Quantum nezimoto ezincane bekumile egcekeni.
Amalungu omndeni abehlezi endlini nomkamufi owuthisha, abanye bezulazula emnyango kucaca ukuthi bakhathazekile ngokwenzekile.
Umfowabo kamufi uMnuz Sipho Mabaso uthe kusenzima ukuthi bangakhuluma ngesigameko njengoba nesidumbu besingakalandwa.
“Umfowethu ubesegcekeni ngesikhathi kuqhamuka abantu abahamba ngePolo abafike bamdubula. Asiyazi imbangela yokubulawa kwakhe. Okunye ngeke sakukhuluma njengoba isimo sisenjena,” kusho uSipho.
Umthombo we Solezwe ongathandanga ukudalulwa uthe kusolwa umbango wamatekisi eLamontville njengoba kunenqwaba yosomatekisi asebebulewe kubangwa umzila.
“Kumanje njengoba uMabaso eshonile baphi osomatekisi abasebenza naye? Abakafiki lana. Bayazi ukuthi njengoba ebulewe kwenzenjani. Ukuhlaselwa kwakhe kuhlangene nombango wamatekisi lapha eLamontville. Okubuhlungu wukuthi uMabaso unesikhathi eside amatekisi akhe awamisa njengoba uwabona epakile egcekeni. Okubuhlungu kakhulu wukuthi bambulele ngo-20 wezinhlamvu, esemagcekeni ebandla,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe baphenya icala lokubulala.
“Ngo-8.15 ekuseni usomatekisi oneminyaka engu-57 uhlaselwe ngabantu abangaziwa abamdubule ngenqwaba yezinhlamvu. Bebehamba ngeVW Polo. Babalekile emuva kwesigameko. Amaphoyisa aseLamontville aphenya icala lokubulala. Imbangela yokuhlasela kwakhe ayaziwa,” kusho uZwane.
Kuthintwa uSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Boy Zondi, ukhale kakhulu ngesigameko wathi umazi kakhulu umufi embonini.
“Ngiphatheke kabuhlungu ngomfundisi ngoba ngiyamazi kakhulu embonini yamatekisi. Kubuhlungu ngempela uma kungenzeka ukuba kuthinteka umsebenzi wamatekisi ngokubulawa kwakhe. Sihlezi sisho ukuthi akusona isisombuluko ukubulalana embonini kodwa kumele kuxoxiswane uma kunezinkinga noma ukungaboni ngaso linye. Manje uMabaso ushiye izingane zakhe, kunzima,” kuzikhalela uZondi.
Mayelana nokumiswa kwamatekisi kaMabaso uthe ubengenalo ulwazi kodwa usazoxhumana nabomzila ukuze athole incazelo egcwele.
Imizamo yeSolezwe yokuthola abakhulumela umzila waseLamontville ayiphumelelanga, ngisho nezingcingo zasehhovisi lakhona bezivaliwe.
Omunye umthombo we Solezwe uthe abaphathi bomsebenzi kulo mzila waseLamontville bonke bayazihlangula. “Kumanje wonke umuntu waseLamontville uyazihlangula akekho nofuna ukuphefumula ngalolu daba. Isimo simbi kakhulu,” kusho umthombo.
Izolo emzini kaMabaso bekungena kuphuma izihlobo nabangani bezokhalisa umndeni.
Kutheleke nabefundisi begqoke okhololo bezokhuleka.
Isolezwe likhulume nomakhelwane abangathandanga ukudalulwa abaveze ukuthi uMfundisi ‘ubeyinkosi’ yomuntu.
“Sesizofa yindlala ngoba ubengeve ephana. Uma unenkinga ubuza kumfundisi ezokusiza. Sife olwembiza ngokuhamba kwakhe,” kusho omunye umakhelwane.
Omunye wesifazane obekhala isililo uthe ngeke amkhohlwe umufi ngobubele bakhe.
“Ngomunye uKhisimusi ngadlula emzini wakhe ngangangena, wangibiza wabuza ukuthi angizi ngani ukuzodla uKhisimusi kwakhe, ngathi ngeke ngoba yena akanabo utshwala. “Wangihleka wathi ngatshelwa ubani ukuthi amakholwa awabi nabo utshwala. Wangibiza, wanginika utshwala obuyisimanga. Angikaze ngijabule kanjena. Ngeke ngimkhohlwe uMfundisi,” kusho umakhelwane ezikhalela.