Advertisement

Ufuna ikhule iSiyabonga Challenge

LUNGILE MAJOKA

UMDLALI weLamontville Golden Arrows uSiyabonga Nkosi ufisa ukuwubona udlondlobala umqhudelwano ahlose ngawo ukuvundulula ithalente endaweni yangakubo eNewcastle nasesifundeni iMajuba.

USIYABONGA Nkosi weLamontville Golden Arrows, omakana noLucky Lekgwathi we-Orlando Pirates, uthembisa ukuthi izodla ngokuheha iSiyabonga Nkosi Challenge yalo nyaka eNewcastle.Isithombe: PATRICK MTOLO

Lo nyaka kuzobe kungowesithupha uNkosi enza iSiyabonga Nkosi Challenge ayiqale ngo-2006. UNkosi uthe akaneme ngesibalo sabadlali asebekwazi ukuthola amaqembu emazingeni aphezulu abaqhamuka kulo mqhudelwano nokwenze ukuthi akhuphule igiya kulokhu.

Ngaphandle kwale midlalo yamaqembu angu-16 aqhamuka esifundeni seSafa iMajuba ezokuba ngoJuni 3 noJuni 9-10, abadlali abazoshaya into ecokeme bazothola ithuba lokuhambela ezinye izifundazwe zakuleli bekhombisa ngethalente labo. Imidlalo izokuba Osizweni Stadium.

“Ngiyawubona umqhudelwano udlondlobala ngoba isibalo samaqembu sinyukile kodwa akungijabulisi okwenzeka kubadlali emva kwalokho. Cishe bane noma bathathu abadlali abasakwaze ukuthola amaqembu. Kulokhu sizokhetha iqembu labadlali abazobe benze kahle engifisa ukuthi sizungeze izwe nabo sidlala eyobungani namaqembu akuPremier Soccer League (PSL),” kusho uNkosi.

Kubadlali abaqahmuke kulo mqhudelwano kubalwa uDumisani Zwane no-Andile Khumalo abadlalela AmaZulu, Sifiso Hlanti ongumdlali we-Arrows obolekiswe kwiChippa United noSiphamandla Sithole weBlack Leopards

Uthe lolu hambo bazoluxhasa ngemali ezotholakala ekhonsathini abazoba nayo ngoJuni 8 e-Amcor Dam eNewcastle. Kulo mcimbi okuthiwa kuyobe kuboshelwe kuwo abaculi abafana noZakwe, DJ Tira, Shota noChynaman kuzongenwa ngo-R100 kube ngu-R200 kwabazohlala nezicukuthwane.

Ukwenza isiqiniseko sokuthi siyakhula isibalo sabazohambela imidlalo ukuzobheka ithalente uNkosi uthe sebethumele izimemo emaqenjini angu-16 adlala kuPremiership.

Ngaphandle kokuvulela abadlali ithuba lokuthi batholwe amaqembu adlala ezigabeni eziphezulu, lo mdlali owake wagijima kuBloemfontein Celtic, Kaizer Chiefs nakuBafana Bafana, uthe ufuna ukugqugquzela intsha ngokuthi ingaba wutho kusasa.

UNkosi udlulise amazwi okubonga kulabo asebefake isandla ekunyuseni izinga lemidlalo njengoba iqembu elizodla umhlanganiso lizogoduka no-R16 000, izindondo, nenkomishi nejezi.

SHOW ALL
Advertisement