INLSA
Mnuz Ronald Lamola
INTATHELI YESOLEZWE
INTSHA kumele inikwe ithuba lokubamba iqhaza ezindabeni ezithinta ezomnotho ukuze ikwazi ukwenza umehluko emphakathi. Lokhu kushiwo yiPhini likaMengameli we-ANCYL, uMnuz Ronald Lamola (osesithombeni) izolo.
“Isixazululo sokubhekana nezinselelo kwezomnotho silele entsheni. Le ntsha ezulazula emalokishini inawo umqondo,” kusho uLamola ngesikhathi kunenkulumo-mpikiswano ye-ANCYL ePitoli.
“Uma intsha ingabaholi emphakathini, kungani ikhishelwe ngaphandle ezindabeni ezithinta ezomnotho?” kubuza uLamola.
ULamola ubebeka umbono wakhe ngezindaba ezithinta ipolitiki nenkululeko yezomnotho kule ANCYL Dialogue ebise-University of South Africa ePitoli.
Uthe okwamanje lapha eNingizimu Afrika ngabasezingeni elithile kuphela abahlanganiswa nezindaba ezithinta umnotho.
ULamola uthe kumele kuphindwe kubhekisiswe umthetho ongu-Section 25 woMthetho-sisekelo wezwe. Uthe lo mthetho umayelana nobunikazi bomhlaba.
Uthe kunesidingo sokuthathwa ngokomthetho komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, nezimayini zibe ngaphansi kukahulumeni.
Uthe ayikho into eshintshile kusukela ngo-1994 selokhu kwaba khona uhulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika.
“Kudingeka sibe nenkululeko yezomnotho, hhayi lomnotho onenhlese yobandlululo esawuthola ngo-1994. Abantu abamhlophe basaphila impilo entofontofo sengathi baseHollywood. Iningi labamnyama lisakhungethwe wububha, bathembele emalini eyisibonelelo sikahulumeni ukuze baphile,” kusho uLamola.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services