Ufuna kuphenywe ngokuhoxiswa kwecala

Comment on this story
no phakathi Shan Pillay UMnuz Thembinkosi Phakathi uthi usesebenzisa induku selokhu aba nengozi yemoto eyenzeka ngo-Agasti nyakenye. Isithombe: Shan Pillay

INTATHELI YESOLEZWE

OWASHAYISWA yimoto okuthiwa yayishayelwa yisikhulu samaphoyisa kulesi sifundazwe ufuna kuphenywe ngokuhoxiswa kwecala lokushayela budedengu elabekwa lesi sikhulu.

UMnuz Thembinkosi “Alison” Phakathi (60) uthe itekisi ayehamba ngayo ngo-Agasti nyakenye yashayiswa yimoto, iMercedes Benz, kaMajor-General Phindile Radebe, owayekhuluma neselula ebe eshayela.

Uthe kumanje uhamba ngenduku emuva kokulimala kule ngozi.

Ngesikhathi enza izethulo kuMqondisi wezokuShushisa ngalolu daba ezinyangeni ezintathu ezedlule, uMajor-General Radebe kuvela ukuthi wathi uPhakathi wayeyimbangela yokwenzeka kwale ngozi.

Wathi yena wayeshayela ngo-60 km/h futhi wayengakhulumi neselula.

Wathi wayesebenzisa ubuchwepheshe obenza ukuthi umuntu angasebenzisi izandla uma ekhuluma neselula.

UMajor-General Radebe wagxeka uPhakathi ngokusenga ezimithiyo.

Muva nje uMqondisi wezokuShushisa, uMnuz Cyril Mlotshwa, uthathe isinqumo sokuthi alihoxise leli cala ngenxa yokungabibikho kobufakazi. Kuthiwa esinye isizathu kwaba ngukuthi umbuso ubuzokhokha kakhulu uma umela uMajor-General Radebe njengoba wayesemsebenzini ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

UPhakathi uthe ufuna ukuthola kahle ukuthi kungani uMajor-General Radebe engabizelwanga enkantolo.

“Ngimdala, le ngozi kwakungesilo iphutha lami. Ngangishayela ngihamba kancane,” kusho uPhakathi.

Uthe itekisi yakhe yayingenawo umshwalense ngakho wakhokha ngaphezulu kuka-R140 000 eseyilungisa.

“Kukhona okushaya amanzi ngaleli cala,” kusho uPhakathi.

UPhakathi uthe uthola ukwelulekwa ngabezomthetho kanti uzothumela incwadi kuKhomishana wamaphoyisa osanda kuqokwa, uGeneral Riah Phiyega, ukuze kube nophenyo olunzulu ngale ngozi.

Uthe kumele icala livulwe kabusha ukuze iqiniso lihlale obala ngoba kukhona ngisho ufakazi ozosho ukuthi kwenzekani.

Kuthiwa amarekhodi eselula ka-Major-General Radebe akhombisa ukuthi wakhuluma kwiselula esuka eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Jay Naicker, uthe leli cala laphenywa kahle, idokodo ladluliselwa kumqondisi wezokushushisa ukuze athathe isinqumo okuyinto eyenziwa kuwo wonke amacala okushayisana kwezimoto.

Uthe umqondisi wathi asikho isidingo sokushushisa kulaba bashayeli bobabili, icala alihoxiswanga amaphoyisa.

UNaicker uthe ngokombiko kadokotela osedokodweni, bobabili abashayeli balimala kancane, bathola usizo esibhedlela badedelwa.

Akekho okubhalwe ukuthi wakhubazeka kubo.

“Asifuni ukuphawula ngezinsolo ezibhekiswe kulaba bashayeli ngoba sinenkolelo yokuthi umqondisi wezokushushisa wacubungula bonke ubufakazi ngaphambi kokuthatha isinqumo,” echaza.

UMajor-General Radebe owayesangu-Brigadier ngaleso sikhathi wayelibangise emcimbini wabesifazane, iWomen in Dialogue, e-Ashburton ngesikhathi kwenzeka le ngozi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.