Ufuna siphelele kuSuperSport eseNedbank Cup uSibusiso Zuma

Comment on this story
no zuma punch . BAZOBE begagazisana kanje oSibusiso Zuma weSuperSport United noPunch Masenamela weMamelodi Sundowns emdlalweni weNedbank Cup e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku. Isithombe: GALLO IMAGES

MINENHLE MKHIZE

UMGADLI weSuperSport United uSibusiso ‘Rhee’ Zuma ufuna ukusiqhuba isomiso sezinkomishi kuMamelodi Sundowns ngokudla isicoco seNedbank Cup uma la maqembu esehlangana e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.

UZuma oke wadlala kuSundowns ngo-2008 utshele Isolezwe ukuthi kwehla kamnandi ukudlala kahle uma ubhekene neqembu lakho elidala.

“Ayikho into emnandi njengokudlala kahle uma ubhekene neqembu lakho elidala. Ngihleke ngedwa ngishaya igoli sibhekene neSundowns koweligi.

“Nakulokhu ngibheke ukwenza okufanayo ngokuthi ngisize iqembu lami liphakamise isicoco. Abantu abaningi bathi iSuperSport yiqembu leligi kodwa sifuna ukukushintsha lokho ngoMgqibelo,” kusho uZuma.

Lo mgadli ozakhele udumo kuBafana Bafana eminyakeni eyedlule uvukile njengoba engayibheki inethi kulezi zinsuku.

Ngempelasonto esiphuma kuyona ushaye elinye lamagoli asize iSuperSport yacosha amaphuzu amathathu ibhekene neBloemfontein Celtic. Ushaya leli goli nje nguyena okhiphe iSundowns embangweni wesicoco seligi eshaya igoli elibalulekile bedla Abafana Bes’tayela.

“Ngumdlalo obalulekile kuwona womabili la maqembu. Bafuna ukuvala isizini ngenothi eliphezulu kanti nathi sibheke ukuyisonga ngesitayela. ISundonws ayisilona iqembu elilula ngoba libophele abadlali abasezingeni eliphezulu okuzokwenza umdlalo ube nzima,” kuqhuba uRhee obengukaputeni iBafana idlala ku-Africa Cup of Nations e-Egypt ngo-2006.

ISundowns sekuphele iminyaka emine ihlulwa wukunqoba izicoco. Bagcina ukuphakamisa indebe ngo-2008 bewina iNedbank Cup. Ngakolunye uhlangothi ezikaGavin Hunt ezike zabutha izicoco ze-Absa Premiership amasizini amathathu elandelana sekuphele isikhathi zagcina ukuwina esomkhumulajezi.

“Ukunqoba lesi sicoco kuhamba nebhonasi yokuyodlala e-Afrika okuyinto engaba yinhle. Sekumele siqedele umsebenzi omuhle esesiwuqalile manje. Okungenza ngihlale ngikuleli zinga engikulona wukuthi ngiyawuthanda umsebenzi wami. Ngiyawuhlonipha kanti ngihlezi ngisebenza ngokuzikhandla uma nginikwe ithuba lokuzibonakalisa,” kusho uZuma.

Ephawula ngokubizwa kukaSiyabonga ‘Bhele’ Nomvete kuBafana Bafana uthe: “UBhele uzokwenza isizwe siziqhenye siphinde sibuyelwe yisithunzi. Ubukeka emncane kuneminyaka yakhe futhi uzoyisiza iBafana ngesipiliyoni sakhe. Mina sengiqedile ngeBafana.”

Unozinti weSundowns uWayne Sandilands uthe angathanda ukugcina engangenelwanga yigoli kuNedbank.

“Kufanele siwuthathe ngendlela ewufanele lo mdlalo ngoba sidlala neqembu eliyingozi kakhulu. Ngingathanda ukuqhubeka nokwenza kahle emapalini nangempelasonto,” kusho uSandilands. Lo nozinti ubengakangenelwa yigoli kulo mqhudelwano njengoba bona sebeshaye angu-28.

“Lokho ngikwenze ngosizo lwabanye abadlali. Ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka kanjalo nakowamanqamu.”


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.