.
UTEKO Modise weMamelodi Sundowns usemzabalazweni wokuwina indebe yakhe yokuqala selokhu aqala ukudlala ibhola elikhokhelwayo. Isithombe: GALLO IMAGES
MINENHLE MKHIZE
Ebika eseGoli
ISILOMO seMamelodi Sundowns uTeko Modise sifuna ukuqeda izinkulumo zokuthi lapho siya khona sifika nesigcwagcwa sendlala yezicoco ngokuthi sisize ezaso zidle isicoco seMTN 8.
ISundowns itonyulwe neMoroka Swallows emdlalweni owandulela owamanqamu eMTN 8 ngemuva kokuthela iKaizer Chiefs ngehlazo lika-4-1 kwi-quarter final yalo mqhudelwano ngempelasonto eLoftus Stadium.
UModise ushiye kuSuperSport United abeyintandokazi kubalandeli bayo, nahlale kuyona isizini eyodwa ngo-2006/2007, wajoyina iPirates ngo-2007.
Ngemuva kokuthi lesi sibabuli somdlali siqome iBucs, iSuperSport idle izicoco zeligi amahlandla amathathu kulandelana.
Kuthe uma ebhinjelwa yizinto kweZimnyama, uModise wasayina kuSundowns ngo-2011.
Uthe angahamba, iPirates yanqoba izicoco ezintathu amasizini amabili elandelana.
UModise utshele Isolezwe ukuthi izinkulumo ezingezinhle ezishiwo ngabantu ngaye azimhluphi nakancane ngoba ufuna ukusiza iSundowns iwine izicoco kule sizini.
“Ibhola angilidlaleli abantu kodwa ngidlalela iqembu. Ukuthi abantu bathini akungikhathazi nakancane lokho. Ngifuna ukusiza iqembu kube khona elikuzuzayo. Indlela esinqobe ngayo kuChiefs inginika ithemba lokuthi sizoqeda indlala yezicoco kuSundowns,” kusho uModise.
“Mhlawumbe uma sekukhona engikunqobile abantu bazosho okunye kodwa abakushoyo ngami akuthi shu kimina. Okubalulekile wukuthi kumele sizithobe, singathathi impumelelo yomdlalo weChiefs siyigxishe emakhanda ngoba lokho kungasilimaza.”
Emdlalweni weChiefs ubeyiphela endlebeni ezitobheni zayo ngamabhola akhe amahle kanjalo nemijiko ebiya phambili. Ngonyaka odlule iSundowns italajwe yiPirates emdlalweni owandulela owamanqamu.
“Yebo, wonke amaqembu esengiwashiyile aqoqa kwasa-ni. Kunento eyodwa okumele uyiqonde empilweni wukuthi yonke into inesikhathi sayo.
“Yonke into yenzeka ngoba isuke idaliwe. Kunabadlali abahlonishwa umhlaba wonke njengoRyan Giggs kodwa akakaze adlale eNdebeni yoMhlaba. Hhayi ngoba engathandi kodwa isimo asivumi.
“Ngeke ngiphikisane nemibono yabantu. Manje ngizwa ngaphakathi ukuthi sekuyisikhathi sokuthi kube khona engikuwina neqembu,” kusho uModise.
IMoroka Swallows yona ifinyelele emidlalweni eyandulela eyamanqamu ngokuvulela isibhaxu kuMaZulu ngamagoli amabili kaSiyabonga “Bhele” Nomvete noLerato Chabangu.
Kubhekwe umdlalo omnandi uma iZinyoni sezitholana neSundowns ku-semi final ngempelasonto ezayo.
“Ukushaya iChiefs akubuzwa ukuthi kuzosinika ukuzethemba emidlalweni yethu elandelayo. Ibanga okusamele silihambe lide ngakho kubalulekile ukuthi sidlale ngokuzimisela kuze kube sifinyelela kowamanqamu,” kusho uModise.
ULefa Tsutsulupa uphawule kanje ngokuqhathwa neSundowns: “Iyiqembu elisezingeni eliphezulu, bakukhombisile lokho beshaya amagoli amane kuChiefs.
Okuzokwenza kube nzima kakhulu wukuthi akulula ukubashayela ekhaya. Ngiyakholwa wukuthi sinabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu abangayimangaza iSundowns.
Kumele siqhubeke nokusebenza kanzima emidlalweni elandelayo ukuze sifike koweSundowns sicijile.”
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services