Ufuna ukugezwa ngo-R2m uNzama

Comment on this story
NO_no Nzamazzz0 INLSA INHLOKO yamaphoyisa kaMasipala weTheku uKhomishana Eugene Nzama usethumelele iSamwu incwadi afuna kuyo imali yokugeza igama lakhe.

SIMPHIWE NGUBANE

UMPHATHI wamaphoyisa kaMasipala weTheku uKhomishana Eugene Nzama usethumele incwadi yabameli inyunyana ye-SA Municipal Workers’ Union (Samwu) afuna kuyo izigidi zemali ngokungcolisa igama lakhe esidlangalaleni.

Incwadi yommeli kaNzama, uZane Haneef, Isolezwe elinayo ikhophi yayo, ufuna u-R2 million kuSamwu ngokuba nemibhikisho lapho yayifuna khona axoshwe emsebenzini njengoba imsola ngokuba umkhwabanisi, ukungawazi umsebenzi aqashelwe wona, ukuqasha ngetiye, ukwenza ibhizinisi noMasipala awusebenzelayo nokuvumela kusetshenziswe izimoto zamasipala ngokungemthetho.

Okunye le ncwadi ethi kuthunaze futhi kwahudulela phansi igama likaNzama yizinsolo ezenziwa yiSamwu zokuthi wakha itulo nowesifazane oyiphoyisa ukuthi avulele icala locansi abakhulumeli ababili bamaphoyisa kule nyunyana.

“Lezi zinsolo zaphenywa ngowaweyiMenenja kaMasipala uDkt Michael Sutcliffe wathola ukuthi abukho ubufakazi ngelezi zinsolo nokuthi akulula axoshwe uNzama ngoba uphethe isikhundla ngokugcwele ngakho ngeke ukhangiswe umsebenzi wakhe. Wabe esetshela iSamwu ukuthi ilethe ubufakazi bokuthi kwakuwuNzama yini owayalela amaphoyisa ukuthi asebenzise izimoto eyogilosa noma athuthe ngamaveni omsebenzi izingane zabangani bawo, kodwa yahluleka,” kuchaza incwadi yommeli.

Le ncwadi iveza ukuthi izinsolo ezishiwoyo zidwebela umphakathi isithombe okungesiso sokuthi uNzama uyisigebengu, unamanga, akasifanele isikhundla asiphethe yize aphenywa kwangatholakala lutho.

Sekuneminyaka amaphoyisa angaphansi kweSamwu efuna kuxoshwe uNzama emsola ngenkohlakalo, ukuwaphatha ngesandla sensimbi eshaya indiva izidingo zawo.

NgoJuni 4 nyakenye iMenenja kaMasipala uMnuz S’bu Sithole yanika uNzama ikhefu eliyisipesheli lezinyanga ezintathu ithi ifuna ukuphenya kabanzi ngezinsolo zenkohlakalo, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho nokwenza ibhizinisi noMasipala kulo mbutho.

UNzama wanikela eNkantolo yezabaSebenzi okuyiyo eyambuyisela emsebenzini kungakapheli nenyanga emisiwe njengoba isikhundla sakhe sasesibanjwe nguMnuz Vincent Ngubane oyiNhloko yethimba elibhekele izinhlekelele kuMasipala.

Ummeli kaNzama uthi wamiswa ngenxa yeSamwu, ngakho kufanele ikhokhe nangakho konke ukumhlaza le nyunyana ekwenzile.

UNobhala weSamwu uMnuz Jaycee Ncanana uthe lena yincwadi yokubavala umlomo abayithunyelwe wuNzama echaza nokuthi ngeke bakhokhe lutho kodwa sebeyohlangana enkantolo.

UNcanana uthe bazimisele ukuveza izikhalo zabasebenzi babo kuze kube sekugcineni ngakho lokhu okwenziwa uNzama akwenzi mehluko kepha kubhebhethekisa isimo.

“Asijiki ekutheni sifuna ukunikwa ithuba lokuneka konke ngezinsolo esinazo ngoNzama nezinto ezenzeka emaphoyiseni kaMasipala. Besizitshela ukuthi usinika incwadi yokusazisa ngezikhalo anazo kanti incwadi yokusivala umlomo. Le nto ayenzayo iphambene nenqubomgomo yokusebenza ukuthi uma wenze izinto kukhona abafuna ukunekela izwe ngalokho bese ugijimela enkantolo uyobavala umlomo,” kusho uNcanana.

Khonamanjalo, lihoxi-le icala ebelivulelwe iphoyisa likaMasipala, u-Inspector Sibusiso Langa elalihamba noNzama elahilizisana nowesilisa kubangwa indawo yokupaka imoto ngaphandle kwesibhe-dlela i-Addington emasontweni amabili edlule.

Kuthiwa ukuhluku-nyezwa uMnuz Lutch-man Natalie abekhala ngakho kuchithiwe kwi-Ipid ngenxa yobufakazi bukaNzama nobenko-sikazi kaNatalie.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.