Gallo Images
UTAKALANI Ndlovu (kwesokunxele) etholene noJeffrey Mathebula bebanga isicoco se-IBF World Junior Featherweight eCarnival City Casino ngo-2010. Isithombe: Gallo Images
ZAKHELE XABA
UTAKALANI “Panther” Ndlovu uthi akakugqizi qakala okushiwo ngabantu abambona esephelelwe wushatini kulo mdlalo ngoba asekuzuzile kuyamenelisa.
UNdlovu usanda kugxekwa ngokushaya into ephansi ephucwa isicoco se-IBF Super bantamweight nguJeffrey “Mangoose” Mathebula empini okwakulindeleke ukuthi ayinqobe kalula.
Kungakapheli nezinyanga ezintathu kwenzekile lokho uthole izindaba zokuthi uzolwa impi yokuhlungela lesi sicoco esisanda kumphunyuka no-Alejandro “Alex” Lopez waseMexico ngaphambi kokuphela konyaka. Ozonqoba phakathi kwabo uzobhekana nozowina phakathi kukaMathebula nompetha weWBO uNonito “The Fillipino Flash” Donaire abazolwa ngoJulayi 7 phesheya kwezilwandle empini ehlanganisa izicoco.
“Anginandaba ukuthi abantu bathini ngami, angibanaki. Okubalulekile ukuthi mina ngenzani nokuthi ngijabule yini ngengikwenzayo,” kusho uNdlovu owake waphatha nesicoco se-IBO.
Yize abaningi sebeqalile ukukhuluma ngokuthi uselangazelele ukuziphindi-selela kuMathebula kodwa yena uthe umqondo akawugxilisile kulokho.
“Okwenzeka ngeke sisakushitsha, kufanele sibheke phambili. UMathebula kade sasilwa naye futhi kuyohlale kukhona owehlulwayo okusho ukuthi njalo kuyohlale kuthiwa yimpi yokuziphindiselela. Engikujabulelayo ukuthola ithuba lokulwela izicoco zomhlaba ngoba kuzowuno-thisa umlando wami esibha-keleni,” kusho uNdlovu.
Yize ekhuluma kanje uNdlovu kodwa uyakuqonda ukuthi indlela yakhe iqala kuLopez ongelona ivukana esibhakeleni.
“Anginendaba ukuthi ngibhekana nobani endleleni. Osekusemqondweni ukuziqophela umlando ngokunqoba izicoco ezimbili,” kusho uNdlovu.
Uthe angakujabulela ukubhekana noDonaire kunoMathebula ngoba amagalelo kaFillipino Flash aziwa umhlaba wonke futhi ukungena naye eringini kuzomakhela igama.
UMathebula uzovikela lesi sicoco okokuqala selokhu asinqoba kuNdlovu ngoMashi okuyisenzo abaningi abasibona njengesiwukugembula.
Usevele utshele leli phephandaba ukuthi ufuna ukuqeda izinkulumo zokuthi abashayisibhakela bakuleli bayabindeka ezingeni lomhlaba.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services