Ufuna ukusiza unina odabule o-A abangu-7

Comment on this story
no Matric 012 INLSA UNKK Busisiwe Bhengu ehalalisela indodakazi yakhe u-Anele ebifunda eZwelibanzi High eMlazi edabule o-A abayisikhombisa okubalwa nezifundo iMaths neSayensi. U-Anele ohlala emjondolo eMlazi ufuna ukuyokwenza iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseKapa kodwa amandla akanawo. Isithombe: MBALI KHANYILE

MHLENGI SHANGASE

UKUKHULISWA ngunina othunga adayise kumfake ugqozi lokuthi adabule ngamalengiso umfundi wasemijondolo yakwa-C eMlazi, othole o-A abayisikhombisa.

U-Anele Bhengu (18) obefunda eZwelibanzi High, uthole o-A esiZulwini, Maths, Life Orientation, Accounting, Geography, Life Sciences nePhysical Science.

U-Anele ufuna ukuyokwenza iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseKapa kodwa akakawutholi umfundaze ozomqhuba.

“Besisebenza kanzima sifunda nangezimpelasonto okungenye yezinto eyenze ukuthi ngiphumelele kahle. Yize benginabo abangani kodwa bengichitha isikhathi esiningi ngifunda,” kusho u-Anele.

U-Anele ongumagcino kwabo ezinganeni ezine, uthe uyise washona kanti ufuna ukufukula ikhaya asize nonina ophila ngokudayisa.

“Ikhaya yilona elihamba phambili ngakho ukuba umama ubengekho bengingeke ngikwazi ukuphasa ngamalengiso. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi ngimbonge esaphila umama ngakho konke angenzele khona,” usho kanje.

Unina, uNkk Busisiwe Bhengu, obeqhilika yinjabulo uthe u-Anele yingane ezithulelayo engahluphi egxila ezincwadini zayo kuphela.

Uthe uthishanhloko ubebiza imihlangano njalo ebachazela ukuthi kumele baziphathe kanjani izingane uma sezibhala.

“Size samakhela itafula abefundela kulona, ubengaphazanyiswa futhi ubesigqugquzela ukuthi simeseke ukuze enze kahle. Ukuphasa kwakhe ngale ndlela kungenza ngijabule unyaka ngiwuqale kamnandi,” kusho uNkk Bhengu.

Uthe ukuhlala emjondolo akuzange kumthene amandla noma azenyeze ngoba ubelokhu eqhubeka nokwenza kahle selokhu aqala ukufunda.

“Ngiyathanda ukuthi aqhubeke afeze iphupho lakhe lokuba wudokotela inkinga wukuthi amandla yiwona angekho. Uyazimisela yena ngiyazi ukuthi into uma eseyifuna uzoyithola, ungenza ngiziqhenye kakhulu ngaye,” kusho uNkk Bhengu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.