Advertisement
X

Ufunde lukhulu okhishwe kuma-Idols

NGEKE ililahle ithemba intokazi yaseThekwini ephume kwamangala abaningi emncintiswaneni wohlelo lomculo i-Idols SA.

UShekhinah Donells (17) uthi usazoqhubeka azame inhlanhla ngoba usezibonile ukuthi unethalente emculweni.

USHEKHINA uthi ngeke alilahle ithemba njengoba ekhishiwe ohlelweni lomculo ama-Idols, ngoLwesibili. Credit: Group

NgoLwesibili ebusuku abalandeli bale ntokazi bakhale kakhulu ngemuva ngokuphuma kwayo kwazise ibibalwa nezimfivilithi.

Kulolu hlelo sekusele abahlanu, okungoKhaya waseThekwini, Monde, Tshidi, Melissa noSiphiwe.

UShekhinah owenza ibanga leshumi eQueensburgh Girls High, uthi ukuphuma kulo mqhudelwano kuzomnika isikhathi sokubuyela, agxile esikoleni.

Uthe ufunde lukhulu kulolu hlelo futhi kukhulu akwenzele abantu baseThekwini ekulo kodwa bese kufike isikhathi sokuthi abone afika ngayo.

“Ngiyabonga kubo bonke abantu abebekade bengivotela. Ngibona isiqalo sekusasa lami njengoba ukungenela kwami lolu hlelo ngibona sengathi yikho okuzongivulela amathuba ezindaweni eziningi,” kusho uShekhinah.

Uthe akukho okunye manje okumele abhekane nakho ngaphandle kwezincwadi zakhe njengoba izivivinyo zokuphela konyaka sekuseduze ukuthi zibhalwe.

UKhaya, ongomunye wabathwele ngeqoma kulo mncintiswano, ubonakale emangele sakungakholwa ngesikhathi amajaji alolu hlelo elibeka ngembaba ukuthi ngeke akwazi ukugcina le ntokazi kulolu hlelo.

Uthe ubekujabulela ukuhlala noShekhinah njengoba bephuma edolobheni elilodwa naye.

“Besihlala sikhuluma ukuthi oyedwa ukuthi angase ayibeke esicongweni iKwaZulu-Natal okokuqala kulolu hlelo kodwa ngemuva kokuphuma konke lokho kushabalele,” kusho uKhaya.

Uthe manje amathemba abantu bakulesi sifundazwe asekuyena wonke kanti uzokwenza konke okusemandleni ukuthi abuye nalo mklomelo walo nyaka.

Laba bobabili kulindeleke ukuthi bacule emcimbini ohlelwa wuMasipala weTheku owaziwa ngokuthi iDurban Day Music Event, ozoba seMoses Mabhida, ngeSonto.

SHOW ALL
Advertisement