Advertisement

Ufuqa imibhikisho yezimayini uMalema

owayengumengameli wophiko lwentsha lwe-ANC owaxoshwa, uMnuz Julius Malema, ufuna kube nemibhikisho kuzo zonke izimayini ezweni kuze kube ubuholi beNational Union of Mineworkers (NUM) buyehla esikhundleni.

“Kumele kube nesiteleka sikazwelonke kuzo zonke izimayini kuze kugcine ngokuthi kusule uMnuz Frans Baleni nobuholi beNUM ezikhundleni,” kusho uMalema ekhuluma enkundleni yezemidlalo ebigcwele iphuphuma emayini yegolide, iGold Fields KDC West, ngaseCarletonville, okuyilapho abavukuzi abangu-15 000 abatelekile bebebuthene khona izolo.

UMNUZ Julius Malema owaxoshwa ku-ANC ephakathi kwababhikishi abatelekile eDriefontein Gold Field Mine, eCarltonville izolo. Isithombe: Bongiwe Mchunu. Credit: INLSA

UMalema uqhube wathi: “Inkinga ayikho kuNUM kodwa isebuholini bayo obamukela imali kubelungu.”

UMalema uthe iholo lika-R12 500 elifunwa ngabasebenzi liyadingeka.

Uthe uBaleni, onguNobhala-jikelele we-NUM, uzifunda emaphepheni izikhalo zabasebenzi.

“Aninabo abaholi kodwa yinina abaholi. Kuyasigqugquzela lokhu enikwenzayo,” kusho uMalema ebhekise kubavukuzi.

Uthe: “Ukwenza izimayini zingalawuleki akusho udlame kodwa kusho ukubeka phansi amathuluzi.”

UMalema ugqugquzele abasebenzi abatelekile ukuba bangalilahli ithemba ngoba kungumzabalazo lokhu abakwenzayo.

SHOW ALL
Advertisement