Gallo Images
UNOMPUMELELO Nyandeni weBanyana Banyana uthembisa ukuthi uzovuka azithathe emidlalweni elandelayo yeqembu lesizwe. Isithombe: GALLO IMAGES
LUNGILE MAJOKA
NGESIKHATHI amaqembu amantombazane akuleli ezohlangana eThekwini kuSasol League National Championship ngesonto elizayo ukuzokhipha elingumakhonya, umdlali weBanyana Banyana uNompumelelo Nyandeni uzobe ejabulela ukuba ngompetha beligi yaseRussia neqembu lakhe iFC Rossiyanka.
Bayisikhombisa abadlali beBanyana okulindeleke ukuthi babe kule midlalo ezoqala eKing Zwelithini Stadium ngoMsombuluko.
UNyandeni ubuyele eRussia ngoLwesithathu lapho sekusele imidlalo emibili kusongwe imidlalo yeligi yabesifazane kanti iqembu lakhe yilona elizihola phambili.
“Sesivele siyinqobile iligi, le midlalo emibili sekungeyokuqedela nje,” kusho uNyandeni.
Ukuba ngompetha kweFC Rossiyanka kusho ukuthi izobuyela ku-Uefa Women’s Champions League ngesizini ezayo lapho iphume khona kuma-quarter final nonyaka.
UNyandeni uthe into yokuqala azoyenza uma esefike eRussia ukuqala izingxoxo zokuvuselela inkontileka yakhe neqembu njengoba inkontileka iphela ekupheleni kwale nyanga.
“Isipiliyoni sokudlala nezihlabani zomhlaba ebholeni labesimame ngeke usithenge ndawo. Ngingajabula kakhulu uma ngiphinda ngidlala ku-Uefa. Sengisijwayele isitayela sokudlala kuyona futhi ngihlezi ngikhula naso sonke isikhathi uma ngidlala,” kusho lo mdlali owayehola iDetroit FC yaseMpumalanga iba ngompetha beSasol League ngo-2009.
Uthe uyalibona liya ngokuba ngcono izinga eqenjini lesizwe lakuleli kodwa kusekude phambili uma kuziwa kuligi yabesifazane.
Lo mdlali wasesiswini uthole ukugxekwa kwabanye ngokwehlelwa yizinga ngesikhathi iBanyana idlala neZambia ngempelasonto edlule.
Ukhale ngokungabi nesikhathi esanele nozakwabo eqenjini lesizwe njengoba nakulokhu ezobe engekho uma elakuleli selidlala neNigeria kowobungani kusasa.
Umdlalo use-Teslim-Balogum Stadium, eLagos ngo-4 ntambama.
“Ngicabanga ukuthi kunomthelela ukuthi mina ngihamba isikhathi eside ngingekho ngesikhathi bona bendawonye. Ngifika sebejwayelene kodwa nami ayikho into engingayenza, angizenzeli ngiphoqwa yisimo,” kusho yena.
Uthembise ukuthi kuzofika isikhathi sama-Olympics eseyimbumba nozakwabo njengoba ezobajoyina ekhempini yaseGermany eqala ngoJulayi 3 yokulungiselela le midlalo eqala ngoJulayi 27 eLondon.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services