Advertisement
X

Ugadle emizini yabantu umlilo

INTATHELI YESOLEZWE

Umlilo ucekele phansi imizi ebalelwa ku-76 eSt Francis Bay e-Eastern Cape. Lokhu kushiwo wuMasipala waseKouga izolo.

UMLILO ungqongqise imizi ebalelwa ku-76 eSt Francis Bay, e-Eastern Cape ngeSonto ebusuku. Lo mlilo uze wanqandwa izolo ekuseni.Isithombe: TWITTER

“Izicishamlilo zibike ukuthi lo mlilo oqale ngeSonto ucekele phansi izindlu eziwu-76. Umlilo ubhebhetheke ngenxa yomoya onamandla,” kusho okhulumela umasipala, uNksz Laura-Leigh Randall.

“Imbangela yomlilo ayikaziwa kodwa uqale ngabo-5. 30 ntambama ngeSonto eRoyal Wharf, okuyizindlu zikanokusho. Njengamanje uphiko lwamaphoyisa iSAPS Forensic Unit luyaphenya ngembangela yawo,” kusho uNksz Randall.

UNksz Randall uthe uNgqongqoshe wezoHulumeni baseKhaya e-Eastern Cape, uMlibo Qoboshiyane, ufikile eSt Francis Bay izolo esithangamini sabezindaba eHumansdorp.

Phakathi kwamabili ngalo iSonto, izicishamlilo zizamile ukucisha ngenhloso yokunqanda amalangabi ukuba angadluleli kweminye imizi.

Abasebenzi bezimo eziphuthumayo nabezicishamlilo basebenze kwaze kwasa belwa nokuqeda lo mlilo kanti baze bathola isikhathi sokubeka phansi uhlangothi ekuseni ngezithuba zawo-4.

Umlilo ubhebhethekiswe yizivunguvungu zomoya obubhilite kule ndawo.

Kufike izimoto ezicisha umlilo eziwu-10 kulendawo zizolwa nokuqeda lo mlilo.

SHOW ALL
Advertisement