Ugandaganda ubulale ingane

Comment on this story
no accidents

NONTUTHUKO NGUBANE

UGANDAGANDA ubhodloze umuzi eSnathingi, eMgungundlovu, kwafa ingane eneminyaka emithathu ebisekamelweni lokulala kwalimala kanzima uyise nezinye izingane ezimbili okuthiwa kwembulwa kwembeswa kubo esibhedlela.

Lesi sigameko sayizolo okushone kuso uWandile Ngcobo (3) kwalimala kanzima uyise uMnuz Sandile Ngcobo (26) nezingane zomfowabo u-Alondwe (3) no-Anele (2) senzeke ngezithuba zasekuseni.

Ugandaganda, obuqashwe wumasipala waseMsunduzi ukulungisa umgwaqo, ungene emzini wadiliza uphahla kwabhodloka udonga kwagcina ngokuwa kwendlu yonke.

Indlu inamakamela amane, amabili kuwo abhodloke aphela, nempahla ebiphakathi yalimala yonke.

Umfowabo omdala kaSandile, uMnuz Sibongiseni Kunene (32), obelele kwelinye ikamelo, uthe uvuke izingane sezikhala ubumayemaye zicindezelwe wudonga oludilikele phezu kwazo.

no housz1 UMNUZ Sibongiseni Kunene uchaza ngesondo abelicindezele ingane kamfowabo abayikhiphe isishonile Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE

“Isidumbu sikaWandile sisithole sibhajwe esondweni likagandaganda. Izingane zami ezimbili ebezikade zibukela ithelevishini bezivaleleke ngaphansi kodonda zikhala.

“Umfowethu naye ubelimele kanzima. Ngivele ngasangana ngibona lesi simo, namanje angikholwa ukuthi ugandaganda ubulale umuntu ezihlalele kubo” kusho uKunene.

Lo muzi useduze komgwaqo owehlelayo nokusolakala ukuthi lo gandaganda uphunyelwe yisondo waphelelwa ngamabhuleki waqonda ngqo kuwo. Izingane ezindala ezimbili bezisesikoleni.

Okhulumela amaphoyisa maphakathi nesifundazwe, uLieutenant Joey Jeevan, uthe amaphoyisa afike endaweni yesigameko umshayeli kagandaganda oneminyaka engu-71 naye elimele.

“Kuvele ukuthi ugandaganda abewushayela ube nenkinga wabe usuhlehlela emuva endaweni eyehlelayo waze washaya umuzi womuntu. Kuthiwe usudonswa kwatholakala ukuthi ucindezele ingane yashona,” kusho uJeevan.

Amaphoyisa avule icala lokubulala ngokungenhloso nokunye okusondelene naleli cala kuyaphenywa.

Omunye umuzi wakamakhelwane wakaMchunu nawo ulimalile wabhodloka ikhishi emuva kokuphuma kwesondo likagandaganda layoshaya udonga lwakhona.

Okhulumela umasipala waseMsunduzi, uMnuz Brian Zuma, uthe bashaqekile ngesigameko esidlule nomphefumulo wengane engenacala.

“IMeya isiyile ukuyobhonga emswaneni emndenini. Siphatheke kabi ngendlela emangalisayo.

“Lena bekuyingozi eshaqisayo. Lo gandaganda odale le ngozi ngowenkampani iDe-Plauls esiyiqashile njengomasipala ukuba isilungisele umgwaqo. uma sekuvele isimo esifana nalesi siyaphuka kakhulu emoyeni,” kusho uZuma.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.