MINENHLE MKHIZE
LITSHEKELA ku-Orlando Pirates ikusasa likaSiyabonga “Doctor” Nkosi okuvela ukuthi ufunwa uthuli yileli qembu elingompetha be-Absa Premiership.
Le njini esibonakale amahlandla angu-25 idlubhe ijezi leBafana Bafana imataniswa nezinkunzi ezimbili zaseSoweto okuyi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.
Ekhuluma neSolezwe uNkosi odabuka eNewcastle uveze ukuthi ngeke akuphike ukuthi ukhuluma nawo womabili la maqembu.
“Akuyona iChiefs nePirates kuphela amaqembu engixoxa nawo. Akhona namanye angifunayo kodwa yiChiefs nePirates engingavuma ukuthi sisezingxoxweni nabo okwamanje. Angifuni ukudalula imininingwane eminingi ngoba ngifuna ukwenza izinto ngendlela eqondile,” kusho uNkosi.
“Kwesinye isikhathi kuyazibulala izingxoxo uma sekuvela izinto eziningi kwabezindaba. Uma sengiqede yonke into ngizokwazisa. Ngo-Lwesithathu ngizobe sengazi ukuthi yimiphi imibala engizoyidlubha ngesizini ezayo.”
UNkosi useke waba kwinkulisa yePirates waphinde wadlala eqenjini elikhulu leChiefs ngaphambi kokubhekisa amabombo ku-Arminia Belefield yaseGermany.
Kuthintwa uBobby Motaung oyimenenja yeChiefs utshele leli phephandaba ukuthi ngeke bamsayine uNkosi.
“Ngeke sikwazi ukumsayina uNkosi. Sinabadlali abaningi abadlala le ndawo ayidlalayo abasezinhlelweni zomqeqeshi omusha. Sesiqedile naye. Indawo esibheke ukuqinisa kuyona yiphambili. U-Edward Manqele no-Eric Mathoho sisalinde amaqembu abo abuyele kithina ngoba sesibathumelele izicelo zethu. Ngeke siliphonse ithawula sizolokhu sizame njalo,” kusho uMotaung.
USenzo Mazingiza oyisikhulu esiphezulu kuBucs uthe: “Ngeke ngiphike noma ngivume ukuthi sikhuluma noNkosi. Abadlali abasha bePirates sizobamemezela kahle uma sesibiza isithangami nabezindaba.”
Amanye amaqembu okuvela ukuthi agaqele uNkosi yiSuperSport United neBidvest Wits edume ngokulanda abadlali asebekhulile (Mbulelo Mabizela, Emille Baron, Derrick Spencer noMatthew Pattison).
I-Arrows nePirates banobudlelwano obuhle bokuhwebelana ngabadlali. UBongani Ndulula obedlala kweZimnyama usanda kusayina amasizini amathathu ne-Arrows. Kwenzeka lokhu nje uNjabulo “Mvonqo” Manqana noSiyabonga Sangweni basuke kuBafana Bes’thende bajoyina iBucs. UKatlego “Mahoota” Mashego, Clifford “Dona” Ngobeni, Robyn Johanes noSiphelele “Scara” Mthembu abebegijima kuBucs ngesizini edlule bebebolekwe yi-Arrows.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services