Ugeqa amagula owasinda kowembazo

Comment on this story
NO_no bra ntshongs0 INLSA Joseph Ntshongwana. ISITHOMBE: DOCTOR NGCOBO

SIMPHIWE NGUBANE

UGEQA amagula eNkantolo eNkulu eThekwini owesilisa ongufakazi othi waphunyuka emlonyeni wengwenya esinda ejuqwa ngembazo nguJoseph Phindile Ntshongwana (osesithombeni).

UMnuz Khangelani Mdluli utshele iNkantolo ukuthi wahlaselwa uNtshongwana emsola ngokuthi udlwengule indodakazi yakhe wayithelela ngegciwane lengculazi.

“Ngangihamba ngomgwaqo uRoad One eLamontville ngibuya emsebenzini ngabo-10.40 ebusuku ngesikhathi kupaka i-Peugeot e-silver grey eduze kwami kwaphuma indoda ende eyondlekile ekhanyayo ngebala, eyayigqoke izingubo ezimnyama iza kumina.

“Yafika yangitshela ukuthi beyingathembi ukuthi ngiyophinde ngihlangane nayo. Yabuza ukuthi ngiyidlwenguleleni ingane yayo ngayisulela ngengculazi.

“Ngaphendula ngathi angiyazi leyo ngane futhi ingubani eyakuphi, uNtshongwana wacasuka esethi angingamenzi isilima ngokumbuza into engiyaziyo, wahosha imbazo wagadla ezimbanjeni ngoba ikhanda ngase ngilivikele,” kuchaza uMdluli obebukeka kungathi usasibona senzeka lesi gameko emqondweni wakhe. Uthe wayengamazi umsolwa futhi engakaze ahlangane naye ubuso nobuso, esemjuqa nje.

UNtshongwana ubhekene namacala ayisishiyagalolunye okukhona kuwo amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokuthumba, elokudlwengula nelokushaya ngenhloso yokulimaza. Uwaphika wonke la macala, lokhu kufakazelwa ngummeli wakhe u-Advocate Themba Mjoli nsukuzonke ochitha ubufakazi obethulwa enkantolo ngofakazi ethi umsolwa akayikhumbuli yonke le nto okukhulunywa ngayo.

UMdluli uthi waphunyuka wabaleka kodwa uNtshongwana elokhu esezithendeni zakhe.

“Nganqamula emizini yabantu ngihamba ngezindlela engingazazi, ngaphunyuka kanjalo,” usho kanje ethi wathola imihuzukwana wangaya esibhedlela.

Lesi sigameko senzeka ngoMashi 22 wangonyaka odlule.

Ibhungu elinguSiyanda Khumalo waseMlazi kwa-T, naye owasinda ejuqwa, utshele inkantolo ukuthi ngayizolo ebusuku ezibuyela kuyise ngo-9 ebusuku kwaqhamuka imoto enombala o-silver grey eyamdlula yase ijika ezimpambanweni zomgwaqo oya eMangosuthu University of Technology noya eSiphingo yabuyela kuyena.

UKhumalo uthi waqinisa izinyawo esebona ukuthi kukhona umuntu omlandelayo ophethe uplastiki obomvu onokuthize phakathi.

“Ngachezuka ngangena endleleni encane yesizulu, le ndoda ende eyondlekile ekhanyayo ngebala eyathi uma ingibamba ngesiphika sesikibha ngaphunyuka yase ishaya ezimbanjeni ngembazo yadlula yawela phambi kwami.

“Ngesikhathi engibamba ngiphulukundlela wakhuluma engundaza amagama athile ngesiZulu okwenza ngaqaphela ukuthi umuntu omnyama,” kusho uKhumalo othe wabaleka waze wangena nezicabha kubo, nomsolwa washaya wachitha ngemoto.

Namhlanje kuzoqhubeka kufakaze owesifazane ona-27 waKwaNongoma kodwa owayehlala eThekwini ngesikhathi sesigameko othi wathunjwa wadlwengulwa nguNtshongwana izinsuku ezine.

Icala liyaqhubeka namuhla.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.