Ugogo ogulayo useduke izinyanga ezimbili

Comment on this story
NO MISSING GOGO UNKK Balandulile Gombela(83) ongaphili ekhanda owaduka kade kuyokhithizwa.Umndeni uthi sebebheke yonke indawo ngisho nasemakhazeni bayamlandula.Isithombe:SITHUNYELIWE

PHUMLILE NTSELE

SEWUFISA ukuthola ithambo ukuze uzingcwabele lona umndeni kagogo osemdala ogula ngekhanda osekuphele izinyanga ezimbili aduka ngemuva kokuthi ephume emotweni wangabe esabuya.

UNkk Balandulile Gombela (83) (osesithombeni) waseHighflats wanyamalala ngemuva kokushiywa yedwa emotweni kuyokhithizwa enxanxatheleni yezitolo eToti Mall ngamaholidi kakhisimusi.

UMnuz Bongani Gombela indodana kagogo uthi okumkhathaza kakhulu wukuthi kwenzeka konke lokhu nje unina ubedla amaphilisi okugula ngekhanda ngesikhathi elahleka nokwenza bashaywe wuvalo lokuthi kungabe ukugula kwakhe kunjani lapho ekhona.

“Ngahamba nomama ngiyothengela ukhisimusi ngamshiya emotweni ngokwazi ukuthi akekho esimeni esikahle sempilo ngathi ngibuya wayengasekho emotweni,” kusho uGombela.

Uthi wamemeza ecela usizo kwababeseduze kwemoto ebabuza ukuthi abazange yini babone ugogo ukuthi uphume emotweni washonaphi kodwa akazange aluthole usizo nalapho wagcwala idolobha emthungatha kodwa akazange amfanise nakancane.

Uthi akaqondi ukuthi kwenzekani kunina amchaze njengomuntu obengasuki eduze nabo ikakhulukazi uma kuhanjiwe.

Uthi kungenzeka ukuthi waxinwa wumshobingo wase ephuma emotweni ngenhloso yokuthola izindlu zangasese ukuze azikhulule kodwa wagcina eduka unomphelo kwazise ukuthi vele akaphilile kahle.

Uthi sebehambele izinyanga beyobheka ukuthi ngabe kwenzekani kanjalo nasemakhazeni kodwa do usizo.

“Ngawabikela amaphoyisa ngesigameko sonke ase evula idokodo lokulahleka komuntu esiteshini samaphoyisa eSiphingo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuvulwa kwedokodo lokuduka kwalo gogo. “Amaphoyisa awakawutholi umkhondo luyaqhubeka uphenyo,” kusho uCaptain Zwane.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.