Ugqemeke udume ubaba ngengane eshone engozini

Comment on this story
no gane Group UFE olwembiza uyise ka- Olwethu Maphanga ngendodakazi yakhe ebikhaliphile esikoleni eshone engozini yemoto iphuma esikoleni

NONTUTHUKO NGUBANE

Ebika eseMgungundlovu

UKWAZE ngendodakazi yakhe ukuthi kukhona into okuthiwa yi-hug uyise womfundi kaGrade 1 oshone engozini yemoto enyantisa umzimba e-Elandskop, eMgungundlovu.

U-Olwethu Maphanga (6) noSphamandla Mncwabe (10) ebebefunda uGrade 5 bashone engozini yemoto ehambisa izingane edume ngokuthi yimoto ‘kamalume’.

Kule ngozi iVenture kamalume ishayisane nebhasi, kwalimala nabanye abafundi abebephakathi besikole iNkabini Primary nabanye baseLangalakhe High.

Uyise ka-Olwethu, uMnuz Themba Maphanga (44), uthe ayikho into eyoke ifane nendodakazi yakhe emhlabeni futhi usashaqekile kusanzima nokukholwa ukuthi ushonile.

“Bengiyikhonze kakhulu ingane yami, mina bengingayazi ngisho ne-hug kodwa iyona eyangifundisa yona. Indodakazi yami ibikhaliphe ngokweqile. Ibifunda amabanga aphansi kodwa ibisikhipha ngamakhala isiNgisi. Ngife olwembiza ngayo,” kusho uMaphanga ngosizi.

Bebefunda eNkabini Primary bobabili laba bafundi, lesi sikole asikude kakhulu nekhaya lakwaMaphanga kodwa uyise uthe bebefuna iphephe ingane yakhe njengoba ubeyigibelisa imoto ‘kamalume’.

“Bengingazi ukuthi kanti ingane yami sengiyifaka ekufeni.

Bengithi iphephile ezingozini kanti angazi ukuthi izofela kuyo le moto,” kusho uMaphanga.

Lo baba onezingane ezimbili, endala ina-19, uthe akukho abekusola kule moto phambilini ngaphandle komsindo obuhlezi uqhuma phezulu.

UNgqongqoshe wezeMfundo Kwa-Zulu Natal uMnuz Senzo Mchunu udlulise amazwi endunduzo emindenini, abafundi nakothisha wathi lesi sigameko silimaze ikusasa lalaba bafundi.

“Siphatheke kabuhlungu kakhulu ngalolu daba njengoMnyango. Kuyishwa ukulahlekelwa ngabantu abasebancane futhi benekusasa eliqhakazile. Ngokushona kwalaba bafundi ababili kusho ukuthi uMnyango usulahlekelwe ngabafundi abathathu, uma sibala nomunye umfundi uMpendulo Mzulwini oshone ngeSonto,” kusho uMchunu.

Abafundi baseNkabini kubikwe ukuthi bazothola ukwelashwa ngokomphefumulo ngenxa yokushaqeka kwabo ngalesi sigameko.

AbakaMaphanga bazofihla kusasa.

Uphenyo lamaphoyisa lusaqhubeka ngalolu daba.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.