NONTUTHUKO NGUBANE
Ebika eseMgungundlovu
U KWAZE ngendodakazi yakhe ukuthi kukhona into okuthiwa yi-hug uyise womfundi kaGrade 1 oshone engozini yemoto enyantisa umzimba e-Elandskop, eMgungundlovu.
U-Olwethu Maphanga (6) noSphamandla Mncwabe (10) ebebefunda uGrade 5 bashone engozini yemoto ehambisa izingane edume ngokuthi yimoto ‘kamalume’.
Kule ngozi iVenture kamalume ishayisane nebhasi, kwalimala nabanye abafundi abebephakathi besikole iNkabini Primary nabanye baseLangalakhe High.
Uyise ka-Olwethu, uMnuz Themba Maphanga (44), uthe ayikho into eyoke ifane nendodakazi yakhe emhlabeni futhi usashaqekile kusanzima nokukholwa ukuthi ushonile.
“Bengiyikhonze kakhulu ingane yami, mina bengingayazi ngisho ne-hug kodwa iyona eyangifundisa yona. Indodakazi yami ibikhaliphe ngokweqile. Ibifunda amabanga aphansi kodwa ibisikhipha ngamakhala isiNgisi. Ngife olwembiza ngayo,” kusho uMaphanga ngosizi.
Bebefunda eNkabini Primary bobabili laba bafundi, lesi sikole asikude kakhulu nekhaya lakwaMaphanga kodwa uyise uthe bebefuna iphephe ingane yakhe njengoba ubeyigibelisa imoto ‘kamalume’.
“Bengingazi ukuthi kanti ingane yami sengiyifaka ekufeni.
Bengithi iphephile ezingozini kanti angazi ukuthi izofela kuyo le moto,” kusho uMaphanga.
Lo baba onezingane ezimbili, endala ina-19, uthe akukho abekusola kule moto phambilini ngaphandle komsindo obuhlezi uqhuma phezulu.
UNgqongqoshe wezeMfundo Kwa-Zulu Natal uMnuz Senzo Mchunu udlulise amazwi endunduzo emindenini, abafundi nakothisha wathi lesi sigameko silimaze ikusasa lalaba bafundi.
“Siphatheke kabuhlungu kakhulu ngalolu daba njengoMnyango. Kuyishwa ukulahlekelwa ngabantu abasebancane futhi benekusasa eliqhakazile. Ngokushona kwalaba bafundi ababili kusho ukuthi uMnyango usulahlekelwe ngabafundi abathathu, uma sibala nomunye umfundi uMpendulo Mzulwini oshone ngeSonto,” kusho uMchunu.
Abafundi baseNkabini kubikwe ukuthi bazothola ukwelashwa ngokomphefumulo ngenxa yokushaqeka kwabo ngalesi sigameko.
AbakaMaphanga bazofihla kusasa.
Uphenyo lamaphoyisa lusaqhubeka ngalolu daba.