FANELESIBONGE BENGU
UKUBA muhle kodwa ungafundile akusho lutho. Lokhu kushiwo ngumrepha waseMelika, uNicki Minaj, ngesikhathi enandisa enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini, ngeSonto ebusuku.
UNicki ukuleli ngomjikelezo wakhe iPinkprint Tour, eqale eGoli ngoLwesine nangoLwesihlanu. Namhlanje kusihlwa uzoyivala eGrand Arena, eKapa.
Lo mrepha uqale wabuza izinkumbi zabantu ebezihambele umcimbi ukuthi bakhona yini abasafunda isikole.
“Hambani niye esikoleni. Ukuba muhle akusho lutho uma uyisidomu,” kusho uNicki kwachwaza inkundla.
Abantu abebehambele umcimbi bakhombisile ukuthi bayazifela ngoNicki njengoba ubethi angayiqala nje ingoma bavele bahlanye bacule naye.
Ushaye izingoma okubalwa kuzo ethi Pills n Potions, Super Bass nezinye eziningi njengoba ecule cishe ihora lonke kwazise uqale ngabo 9.30 ebusuku waze waqeda ngemuva kuka-10.30. Uyivale ngengoma ethi The Night Is Still Young wavalelisa. Nokho uphinde wabuya esezovalelisa kahle kubantu waphephezelisa nefulegi laseNingizimu Afrika.
Utshele abantu ukuthi kade efisa ukuza kuleli.
“Ngiyabonga ngokuthi nifeze iphupho lami,” kusho uNicki.
Yize eshaye into ecokeme kodwa abanye abantu bakhale ngokuthi akayishayanga iminyakazo yakhe ethandwa kakhulu ngabesilisa.
Uyishaye kancane ngesikhathi esecula i- Anaconda okuthe ngaphambi kokucula wathi igenge encane ayivale amehlo. Ngaphambi kokuthi angene kuqale uCassper Nyovest ocule cishe ihora lonke.
Ngemuva kwalo mcimbi abantu banikele endaweni yobumnandi i -47th Avenue ku-after party ebihlangene nomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kukaDanger weBig NUZ.