INLSA
USOMAHLAYA uMadluphuthu noThami Mngqolo we-Generations emcimbini wosuku lwentsha obuseMgababa ngempelasonto. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI
BONGIWE ZUMA
ISIHLABANI somdlalo oyintandokazi kuleli i-Generations, uThami Mngqolo odlala indawo kaSenzo Zondo kulo mdlalo ukhethe ukuzoligubhela KwaZulu-Natal usuku lwabantu abasha obelungempelasonto.
Uhambele umcimbi obuseMgababa ukuzogubha nentsha yakhona usuku lwayo. Ugqugquzele intsha ukuthi iziphathe kahle, iyihloniphe impilo futhi ingalokothi ikhohlwe nayilanga likaJuni 16 okwashona ngalo inqwaba yentsha eSoweto ilwelwa izwe laseNingizimu Afrika.
“Lolu wusuku olubalulekile, okumele singagcini nje ngokuligubha singabantu abasha kodwa kumele sikhumbule nentsha eyadela impilo yayo ngalolu suku ukuze leli zwe likhululeke.
Ukuziphatha ngendlela efanele emphakathini kungenye yezinto okumele ihambe phambili entsheni yakuleli,” kusho lesi sihlabani.
UThami uqoqe nabanye ozakwabo kulo mkhakha weza nabo, phakathi kwabo okubalwa nosomahlaya othandwa kakhulu yintsha, u-Oscar Mgudlwa, owaziwa kakhulu ngoMadluphuthu.
UMadluphuthu ucobelele intsha ngolwazi analo ngomlando wakuleli. Ukhulume kabanzi ngezinto ezakhayo njengemfundo nokuzethemba ngaphandle kokubheka ikhaya umuntu aphuma kulo.
UMengameli Jacob Zuma ube ngomunye wabantu abasebenzisile ukukhuthaza intsha ukuthi ingabheki indawo ephuma kuyo. Uthe uZuma uvela endaweni ethathwa njengeqhelelene kakhulu nempilo yasedolobheni kodwa wakwazi ukulwela izwe lakhe.
“Uma ungumuntu omusha ofisa ukuphumelela futhi ube nekusasa eliqhakazile ngingakukhuthaza ukuba ubukele kuZuma ongazange akubeke ekhanda ukuthi ukhulele eNkandla.
“Noma abantu bengakucindezela bakubeke namabala kodwa uma uzimisele ngento oyifisayo uyaphumelela,” kusho uMadluphuthu.
Laba osaziwayo bakwazile ukubekezela bahlala kusukela ngehora lesithupha ekuseni kwaze kwabe uyaqala umcimbi ngehora lesibili ntambama.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uNtando Msani, akawuvali umlomo ngeqhaza elidlalwe nguThami nabanye osaziwayo ngokuhambela indawo yangakubo kanjalo nokungawudubi umcimbi ngokuthi uphuze ukuqala.
Intsha yaseMagabheni nayo ayizibekanga phansi yanandisa ngebinakho neqembu laseGoli ebelikhona, i-African Child, nalo lenze ezibukwayo.
Services