Ugwetshwe iminyaka emithathu ngokweqa ejele

Comment on this story

INKANTOLO yeMantshi yasePitoli ithole uBongani Moyo enecala lokweqa ejele yase imgweba iminyaka emithathu ejele.

IMantshi uLen Miller ithe ukweqa ejele yicala elibomvu inkantolo okumele ikhiphe isigwebo esinzima ngalo.

Uthe okunye abakubhekile wukuthi uMoyo wayevela enkantolo ngenxa yamacala abucayi ngesikhathi eqa. UMoyo kuthiwa wasukuma waphuma emabhilidini enkantolo ngo-Agasti ngesikhathi ehlaliswe emabhentshini ngaphandle kwenkantolo. Ngaleso sikhathi kuthiwa wayehamba ngezinduku.

Ngesikhathi evela enkantolo wayenabanye abathathu bebekwe amacala okuphanga kuhlonyiwe, ukutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanti baphinde bagoloza ngesikhathi beboshwa.

Izolo enkantolo kuvele ukuthi uMoyo ubesanda kugwetshwa iminyaka engu-14 ngecala lokweqa ezitokisini esiteshini samaphoyisa eGoli.

Noma inkantolo ingazange ichazelwe ngemininingwane yonke emayelana nokweqa kwakhe kodwa izwe ukuthi uMoyo wagwetshwa ngoJuni 4.

IMantshi uMiller usichithile isicelo sommeli kaMoyo u-Advocate Donald Somo, sokuthi isigwebo seminyaka emithathu sihambisane neminyaka engu-14. Kulindeleke ukuba isicelo sakhe sokudlulisa icala silalelwe ngoJuni 26.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.