UHillary uvakashele uMadiba

Comment on this story
no Copy of Copy of MDF89579 [1] REUTERS KUBE yinjabulo emndenini kuNkk Hillary Clinton ngesikhathi evakashele uDkt Nelson Mandela eQunu izolo kanti lokhu kwenzeke kungakapheli ngisho amasonto ambalwa bekuvakashe umyeni wakhe kule ndawo, uMnuz Bill Clinton, owayengumengameli waseMelika nomngani omkhulu kaMadiba

EMUVA kwamasonto amathathu owayenguMengameli waseMelika, uBill Clinton, evakashele uMnuz Nelson Mandela emzini wakhe eQunu e-Eastern Cape, izolo umkakhe, uNkk Hillary Clinton, onguNobhala waseMelika naye uphinde wahambela uMadiba kule ndawo.

Izolo uNkk Clinton nezithunywa ahamba nazo bahlanganyele noMandela kudliwa uNkk Clinton wafisela uMandela unwele olude. UMandela ube nguMengameli wezwe ngesikhathi esifanayo noMnuz Bill Clinton ehola iMelika.

UNkk Clinton uphinde wahlangana noNkk Graca Machel bengqumuza ngokuthile ngesikhathi abathwebuli bethatha izithombe kubonakala noMnuz Mandela edla uhleko oluncane azakhele ngalo ugazi.

Emuva kwalo mhlangano babe sebedlulela egunjini elithile baba nesidlo sasemini. uMandela wabe esesala egunjini lokuphumula nethimba elibhekele lezempilo. UMandela unomuzi eQunu naseGoli kanti muva nje ubuyele eQunu lapho ebhekwe khona ithimba labezempilo ubusuku nemini.

UClinton uzohambela ePitoli nase Cape Town ngaphambi kokulifulathela leli ngoLwesine.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.