Advertisement
X

UHillary uvakashele uMadiba

EMUVA kwamasonto amathathu owayenguMengameli waseMelika, uBill Clinton, evakashele uMnuz Nelson Mandela emzini wakhe eQunu e-Eastern Cape, izolo umkakhe, uNkk Hillary Clinton, onguNobhala waseMelika naye uphinde wahambela uMadiba kule ndawo.

Izolo uNkk Clinton nezithunywa ahamba nazo bahlanganyele noMandela kudliwa uNkk Clinton wafisela uMandela unwele olude. UMandela ube nguMengameli wezwe ngesikhathi esifanayo noMnuz Bill Clinton ehola iMelika.

KUBE yinjabulo emndenini kuNkk Hillary Clinton ngesikhathi evakashele uDkt Nelson Mandela eQunu izolo kanti lokhu kwenzeke kungakapheli ngisho amasonto ambalwa bekuvakashe umyeni wakhe kule ndawo, uMnuz Bill Clinton, owayengumengameli waseMelika nomngani omkhulu kaMadiba. Credit: REUTERS

UNkk Clinton uphinde wahlangana noNkk Graca Machel bengqumuza ngokuthile ngesikhathi abathwebuli bethatha izithombe kubonakala noMnuz Mandela edla uhleko oluncane azakhele ngalo ugazi.

Emuva kwalo mhlangano babe sebedlulela egunjini elithile baba nesidlo sasemini. uMandela wabe esesala egunjini lokuphumula nethimba elibhekele lezempilo. UMandela unomuzi eQunu naseGoli kanti muva nje ubuyele eQunu lapho ebhekwe khona ithimba labezempilo ubusuku nemini.

UClinton uzohambela ePitoli nase Cape Town ngaphambi kokulifulathela leli ngoLwesine.

SHOW ALL
Advertisement