.
UMNUZ Ronald Khowa okhala ezimathonsi ngokushelwa wumuzi wakhe ubechaza ngokwenzekile. Isithombe: BONGANI MBATHA
NQOBIZIZWE ZWANE
UKHALA ngekhansela elingakamhambeli owesilisa osemdala wasePhoenix osephenduke undinga sithebeni emva kokungqongqa komuzi wakhe okwenze yena nomndeni wakhe basala nabebekugqokile.
UMnuz Ronald Khowa (62) uthe kuze kube yimanje ikhansela lewadi yakhe uMnuz Moodley Shunmugan Ramsamy we-DA akakaze azobabheka emva kwalo monakalo obehlele.
Echaza uKhowa ngalesi sehlakalo esenzeka entathakusa ngo-Msombuluko kubanda, wayehleli nomndeni wakhe njengenjwayelo kule ndlu wase ehamba eyolala wafike wavula i-heater njengoba ethi ungumuntu ophathwa yisifo samathambo.
Eqhubeka uthe ngeshwa wazumeka ezitshela ukuthi uyicimile kwase kuwa umqamelo omkhulu nathi yikho okwadala umlilo. Emva kwalokho uthe akazi ukuthi kwenzekani kanti akubongayo wukuthi umndeni wakhe nabantu abaqashe kulo muzi basinda baphuma bengenamyocu kulesi sehlakalo yize bahluleka wukukhipha impahla.
“Saphuma ngesamagundane nathi ngendlela okwakusha ngayo. Kwasha yonke into eyayiphakathi ngoba kwakungeke kube lula ukukhipha izimpahla,” kusho uKhowa.
Usizi emndenini nakwabaqashe kulo muzi belubhalwe ebusweni ngoba kushe amakamelo amahlanu umlilo kwahangula nendlu engaphandle asebeyenze ikhishi abaficwe behleli kuyona bebamba umoya.
ÜKhowa uthe usecupha la kuhlala khona abaqashe kwakhe ngoba akushanga kakhulu kanti abazukulu bakhe bancike ezihlotsheni ezihlala kude nokuyinto emkhalisayo ngoba bafunda esikoleni esikhona kule ndawo. Uthe ufe olwembiza ngoba namandla okuvusa umuzi akasenawo kwazise usephila ngemali yempesheni.
Ngesikhathi kuthintwa ikhansela uRamsamy ngezinsolo azibekwa nguKhowa uvumile ukuthi akakaze alubhade kulo mndeni selokhu kwasha wathi lokho kudalwa wukuthi uyagula.
“Ngawenza umsebenzi wami ngoba ngababizela usizo ababeludinga ngabacebisa nokuthi yini abangayenza njengoba isimo sesinje ukuze abanamandla babasize,” kusho uRamsamy.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services