Advertisement
X

Uhlaba izethenjwa ngeseligi uNeeskens

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uJohan Neeskens ugxeke izithenjwa zakhe ngokuphunyukwa kwaleli qembu yisicoco seligi ngesikhathi liguqiswa yiSuperSport United ngo-1-0 kowe-Absa Premiership eLucas Moripe Stadium, ngoMgqibelo ntambama.

ISundowns ngeke isasinqoba lesi sicoco njengoba sekucacile ukuthi umbango uphakathi kwe-Orlando Pirates neMoroka Swallows ngaphambi kwemidlalo yokugcina.

UNeeskens uveze ukuthi kade kwamcacela ukuthi lesi sicoco ngeke basidle uma laba abasibanga nabo beqhubeka nokuqoqa amaphuzu njengoba kade benza ekubeni ezakhe bezilokhu ziwadedela.

Akhala ngakho kakhulu uNeeskens wukuthi abadlali abethembele kubona yibona abamenzele phansi waze waphoqeka ukusebenzisa abafana abancane bona abasalambele ukudlala.

Phakathi kwabadlali abasolayo kuvele oKatlego ‘Killer’ Mphela obesephila ngokuhlala nodokotela esiwombeni sesibili seligi no-Elias Pelembe obemandla ngokuthola amakhadi aphuzi angenasidingo.

“Sikucacisile emzuliswaneni wokuqala weligi ukuthi siyayifuna kodwa kuthe uma sekubuywa ekhefini likaKhisimusi abadlali bami engibathembile baqala bangenzela izinto engingaziboni kahle. UPelembe ubethola amakhadi sengathi wenza ngamabomu kanti uMphela obeqhulula amagoli esiwombeni sokuqala ubehlale elimele. Ngiyaqonda ukuthi ukuthola ikhadi yinto eyenzeka ungalindele kodwa uma uzazi ukuthi ungumdlali omqoka kukhona okufanele ukwenze ukugwema lokho. Nokulimala ngokunjalo kuyingxenye yomsebenzi wethu kodwa kwesinye isikhathi umdlali othathwa njengomkhulu eqenjini ngokunjalo nakuBafana Bafana kufanele aqinisekise ukuthi udlala njalo.

Ngigcine sengiphoqeleka ukuthi ngisebenzise abadlali abancane bangikhombisa ukuthi bazimisele okuyikona okwenza ngaqhubeka nabo ngakhohlwa yilaba abanezinkinga. Uma usembangweni wesicoco isipiliyoni siyadingeka okuyinto ebesingasenayo,” kubalisa lo mqeqeshi.

Ngemuva komdlalo weSuperSport ngesikhathi ekhuluma kuthelevishini uNeeskens uthe nakuba ephatheke kabi kodwa akulahlwa mbeleko ngakufelwa futhi uzoqinisekisa ukuthi wenza izinguquko kubadlali ngesizini ezayo.

Ithuba lesicoco kuDowns kule sizini selisekutheni iziphindiselele kuSuperSport abazodlala nayo kowamanqamu eNedbank Cup ngoMeyi 26 e-Orlando Stadium kanjalo naMatsatsantsa azobe elwela isicoco sokuqala kule sizini kuwona lo mdlalo.

SHOW ALL
Advertisement