.
UMLINGISI oqale ukubonakala ngasekuqaleni konyaka kwiGenerations uPhumeza Dlwati uthi usazobuya kulo mdlalo kodwa usahlabe ikhefu lokuthi uqopha i-albhamu
FANELESIBONGE BENGU
UMLINGISI womdlalo owuchungechunge wakuSABC 1, iGenerations, uPhumeza Dlwati uthi abalandeli bakhe mabangakhathazeki ngoba usathathe ikhefu lokuqopha i-albhamu, usazobuya kulo mdlalo.
UPhumeza odlala indawo kaSandra Jacobs kulo mdlalo okhonjiswa ngo-8 ebusuku phakathi nesonto, utshele Isolezwe ukuthi ufuna ukukhipha i-albhamu ezokhumbuza abantu ukuthi uyakwazi ukucula.
UPhumeza selokhu agcina ngo-2010 ukukhipha i-albhamu eyayibizwa ngokuthi yiJust Listen eyayigabe ngezingoma okubalwa kuzo ethi Poem ayenza nophrojusa waseFrance ohlonishwa umhlaba wonke, uRocco neyayithi Bad For Me ayenza neBig NUZ.
“Okwamanje ngisathathe ikhefu kwiGenerations ngoba ngifuna ukuba nesikhathi esanele sokuqopha. Kodwa abantu bengakhathazeki ngoba ngizobuya ngonyaka ozayo.
“Angifuni ukujaha izinto, ngizithathela isikhathi sami. Okwamanje anginalo usuku engilinqumile i-albhamu ezophuma ngalo, kungenzeka kube yingasekupheleni kukaSepthemba noma ngo-Okthoba. Okuhle wukuthi angisashuthi iGenerations, lokhu okusho ukuthi senginesikhathi esiningi sokuba sestudiyo,” kusho uPhumeza.
uthe ukuba kwiGenerations kumnikeze isipiliyoni kangangokuba akasanqeni ukulingisa noma yimuphi umlingiswa anganikezwa yena ukuba amdlale.
“Sengiqala ukuzethemba manje ekulingiseni, ngiyethemba ukuthi bakhona abantu abangibonile ukuthi nginalo ikhono yize bengakabi baningi abasangifonele. Uyabazi-ke nawe abantu, bashaya sengathi ababoni kodwa bebona kahle. Lokho kungigqugquzela ukuthi ngisebenze ngomfutho ophindaphindwe kalishumi,” kusho lesi siphalaphala esibuye simodele ezikhangisweni ezahlukene.
Uthe kule albhamu azoyikhipha akafuni ukusebenza namuntu ngoba ufuna ukuzenzela into yakhe. Kumanje kunezingoma ezimbili eseziqalile ukuzwakala ezindaweni ezahlukene okungethi Be Your Lady nethi You Only Live Once (YOLO).
“Kwethi YOLO ngisebenze noChris lapho senza khona isigubhu se-electro. Sengibuyela esayidini lami lobulungu manje ngoba elabamnyama lihamba kancane,” kusho uPhumeza.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services