.
UNONTANDAKUBUKWA weTheku uThah Simelane kuthiwa usikaza ukuwushiya umsebenzi wobuthishela agxile kwezoku-ngcebeleka lapho kuthiwa uthando lwakhe lukhona
FANELESIBONGE BENGU
USIKAZA ukuwulaxaza umsebenzi wobuthishela unontandakubukwa waseThekwini othe usephelelwa wuthando lwawo ngenxa yokuthi usefuna ukungena shi kwezoku-ngcebeleka.
UNkululeko “Thah” Simelane (28), osejwayele ukuphatha imicimbi yobumnandi kuthiwa ukhala ngokuthi umsebenzi wobuthishela eSivananda FET High School lapho efundisa khona izifundo zeBusiness Studies umumoshela isikhathi.
Kuthiwa usetshele ngisho nothishanhloko ukuthi kungahle kuphele lo nyaka engasawuthinti ushoki ngenxa yokuba matasa futhi usezibona eseyinyama emsebenzini wokuphatha izinhlelo kanti usenabaculi abaphethe.
Ethintwa uthishanhloko waseSivananda, uMnuz Charles Khuzwayo, uvumile ukuthi uThah uke wafika kuyena ehhovisi ukuzomazisa ukuthi usecabanga ukubushiya ubuthishela.
“Yebo khona uke wafika kimina wathi kukhona lapho efake khona isicelo somsebenzi ngakho ufake mina njengo-muntu abangamshayela uma befuna imininingwane. Akazange asho ukuthi ufuna ukungena kwezoku-ngcebeleka,” kusho uKhuzwayo.
UThah othe uma ethintwa wabuza intatheli ukuthi iyithathaphi le ndaba, uqale wathi ngeke avume noma aphike kodwa wagcina evumile ukuthi lokhu kuliqiniso.
“Kona ikhona into enjalo. Ngibona ukuthi ngimatasa futhi ngithola nemicimbi phakathi nezinsuku okwenza isikhathi sokufundisa sibe sincane. Kumanje ngiqeda kusayina inkontileka yokuyophatha uhlelo kwi-pre party yoGu Jazz Festival, ngizosebenza nakwiDundee July nakomunye umcimbi. Le nto (esho ezokungcebeleka) iyangisebenzela futhi sengathi ngithanda yona manje,” kusho uThah othe useyimenenja yabaculi bekwaito oT’zozo neqembu AmaGroovies.
UT’zozo ukuqinisekisile ukuthi sebephethwe nguThah wathi ukhethe ukuthi amnikeze ithuba ngoba uyambona ukuthi ungumuntu ozimisele.
UThah useke waphatha uhlelo emcimbini wokugubha ishumi leminyaka leli phephandaba lasu-ngulwa kwaNembula, eSikhawini naseMax’s Lifestyle eMlazi kanti nakwezokulingisa ukhona njengoba elingisa efilimini yamahlaya kaPastor Mjosty, iKwaito Church Service.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services