Group
LUZOVEZA ubungozi nenkohlalalo eyenziwe abashushumbisi bakagwayi abasuka kwamanye amazwe beza kuleli uhlelo iSpecial Assigment njengoba kubonakala nje esithombeni bewela imifula enobungozi. Izithombe: zithunyelwe
UKUBANJWA kwabantu bethwele ugwayi ongekho emthethweni bewuyisa kwamanye amazwe sekuyinto ejwayelekile.
Baningi abantu abangabashushumbisi balo gwayi abenza lo msebenzi usuku nosuku kodwa bengabanjwa.
Kuleli sonto uhlelo lwezindaba ezisematheni noluphenya kabanzi i-Special Assignment oludlala ku-SABC 3 ngo-8 ebusuku ngoLwesine luzoveza abashushumbisi bakagwayi ukuthi bawenza kanjani lo msebenzi.
Lolu hlelo luzobe lukhombisa ngobungozi bokuthi laba bashushumbisi bawenza kanjani lo msebenzi njengoba kuze kudingeke bawele imifula enobungozi ukuze nabo bakwazi ukuthola imali baziphilise ngalo msebenzi.
Laba bashushumbisi iningi labo elisuka kuleli liya eZimbabwe nelisuka kuwo la mazwe angaphandle lize kuleli, lo msebenzi liwenza ebusuku njengoba besuke bebalekela ezokuphepha emini futhi namaphoyisa ekanisile ezindaweni eziningi.
Iningi labo liba sengozini yokuhamba emifuleni egcwele izingwenya.
LEZI ngezinye zezinhlobo zogwayi oshushumbiswayo. Udaba lwawo luzovezwa ohlelweni lwethelevishini iSpecial Assigment
Group
Kwesinye isikhathi kuke kwenzeke bahlangabezane nembibizane yokuthi babulawe bethwele wona lo gwayi ongekho emthethweni.
Abadayisi balo gwayi okuyibo abathuma laba bashushumbisi lokhu bakubona njengokwenza imali kodwa bengabacabangeli ababathumayo.
Ukushushumbisa lolu hlobo lukagwayi akubeki nje kuphela abantu abenza inzuzo ngawo engozini kodwa nomnotho wezwe nawo uyathinteka.
Imali yentela edlekayo nje ngokwenza lo msebenzi ibalelwa ku-R3 billion.
Ukudayiswa kwalo gwayi kudala ukuthi nezinkampani ezisemthethweni ukwenza lokhu zihlukumezeke kakhulu ngalokhu.
Abantu bazoke babone ukuthi laba bashushumbisi babhekana kanjani nobunzima bokungabanjwa emingceleni ehlukene kuleli nakwamanye amazwe.
Lolu hlelo luveza lezi zindaba ezishaqisayo nje kusanda kubulawa owesifazane wakuleli owabanjwa nezidakamizwa ezweni laseChina.
Kuthe kusabanjwe lowo kwaphinda kwatholakala omunye owayefake izidakamizwa ezinweleni eziyimiyeko.
Thola kabanzi ngesihlava nobungozi bokushushumbisa imikhiqizo nezimpahla ezingombombayi kwi-Special Assignment, kusasa, ngo-8 ebusuku.
|
|
Services