Uhloniphe amaqhawe omzabalazo nge-albhamu ongenise kowe-Hip Hop

Comment on this story
no Nico INLSA UMCULI weHiphop uMfanafuthi Dumakude uNico ocule ngamaqhawe omzabalazo kwi-albhamu yakhe entsha. Isithombe: THOKOZANI NDLOVU

THOKOZANI NDLOVU

UMCULI we-HipHop wakuleli izingoma zakhe ebezijwayele ukuzwakala kwezinye zeziqephu zomdlalo we-e.tv, iRhythm City ukhiphe i-albhamu eqhakambisa amaqhawe omzabalazo asaphila nasashona.

UMfanafuthi Dumakude (28) odume ngelikaNico waseNhlazatshe, eMgungundlovu uthi ngabe akakwazi ukuhamba akhululeke kuleli ukube amaqhawe anjengowayengu-mengameli wakuleli uDkt Nelson Mandela awazange azabalaze.

“Kumele silibonge iqhaza labayibamba ishisa bezabalazela le lizwe siphinde sikhumbuze intsha lapho siphuma khona. Ababesizabalazela banikela ngempilo yabo ngoba befuna thina sikhululeke ngakho akumele sikhohlwe yimisebezi yabo asibabonge besaphila,” kusho uNico.

Le albhamu enezingoma eziyishumi ethi, Remember Back, ibalula uMandela, Robert Sobukwe, Steve Biko, Hector Pieterson, Jacob Zuma nabanye.

Iphinde ibale namaqhawe aphesheya okungoMalcolm X, Martin Luther King noMengameli waseMelika uBarrack Obama owokuqala omnyama ohola leliya lizwe.

Le albhamu sekungeyesibili kwaseke wawakhipha njengoba ubegcine ekhiphe ethi, Nico Revolution ngo-2006.

UNico uzophinde akhumbuleke ngesikhangiso sethelevishini sejusi yaseNigeria, i-Oval Tine abonakala kusona ngo-2008.

Waphinde wabonakala kweseFifa Confederations Cup ngo-2009.

Engakafudukeli eGoli lapho esezinze khona ngokomsebezi, uqale engumdansi wagcina esehlangane no-DJ Bright Summer owayesakazela iRadio Pietermaritzburg ngo-1998 ayesesebenzisana naye.

Ngemuva konyaka behlangene, uNico wazinza eGoli ngoba efuna inkampani yomculo azoqopha kuyona.

I-Remember Back izokwethulwa ngokuse-mthethweni ngenyanga ezayo eGoli iphinde yethulwe naKwaZulu-Natal kuyo le nyanga ezayo.

UNico useke washiyelana inkundla neBig NUZ, Trybe, Spencer, Chax no-Abba ongasekho.

Uphinde abe nenkampani iHelloz Production ehlela imicimbi, iphathe abaculi isabalalise umculo wabo.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.