.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uDkt Zweli Mkhize encokola neSilo samabandla ngemuva kokwethula inkulumo yesifundazwe emcimbini obuseMgungundlovu izolo
CELANI SIKHAKHANE
UHULUMENI waKwaZulu-Natal uzwakalise ukungenami ngokwehla kwezinga lokuziphatha kothisha bezinye zezikole zakulesi sifundazwe okuhlanganisa nokusetshenziswa kophuzo oludakayo nobudlelwane obungebuhle phakathi kwabo nabafundi.
Lokhu kuvele enkulumweni kaNdunankulu wesifundazwe uDkt Zweli Mkhize abeyethula izolo emcimbini obuse-Mgungundlovu ecacisa ngezinhlelo zikahulumeni ezihambisana nentuthuko nendlela okuzothuthukiswa ngayo ingqalasizinda.
UMkhize uthe ngenxa yalokhu bahlele umhlangano wekhabhinethi nezinhlaka zezemfundo ezithintekayo lapho kuzodingidwa khona kabanzi ngokwehla kwezinga lokuphasa kwabafunda uMatric nokunye okungagculisi.
“Yize sikuqonda ukubambisana koMnyango wezeMfundo nezinyunyana ukuze kube nokusebenzisana, okukhathazayo wukuziphatha kabi kothisha okuhlanganisa uphuzo oludakayo, ukungagqoki ngendlela ehloniphekile nokuba yisibonelo esibi kubafundi,” kusho uMkhize.
Uthe uhulumeni uzimisele ukweseka othisha nokuqinisekisa ukuthi bathola imfundo esezingeni enesithunzi.
Ngaphandle kwalokho uthe kunezinhlelo zoMnyango wezeMfundo esifundazweni zokuthi ubambisane nokazwelonke weMfundo ephakeme kuphuculwe isimo kuma-FET College ayisishiyagalolunye ukuze abhekane nokuqeqesha amakhono adingekayo.
Enkulumweni yakhe uveze ukuthi kunesabelo zimali sesifundazwe sika-R15 billion esizogxila ezintweni ezahlukene okubalwa ukwakhiwa kwamagumbi okufunda angu-2000 nezinye izinsiza zokufunda, ukwakhiwa kwezikhungo zezempilo nokulungiswa kwemigwaqo nokuphuculwa kwamadolobha asemakhaya.
Uthe kulo R15 billion kunemali engu-R179 million ezokhishelwa ukuthuthukisa amadolobha akulezi zindawo kudaleke namathuba emisebenzi.
Kulama dolobha kubalwa i-Richmond, iNquthu, uMsinga, Harding, uLundi, Ndwedwe, Nkandla, Melmoth,Weenen, Mandeni namanye asasalele emuva ngokwentuthuko.
Kule nkulumo yesifundazwe kube nezindaba ezimnandi kubantu abagibela izitimela njengoba kuvele ukuthi kuzothuthukiswa imizila ephakathi koMlazi naKwaMashu eminyakeni emithathu ezayo kuphinde kube nezitimela ezintsha ezizohambisana nesikhathi samanje kanti lokhu kuhlanganisa nomzila owakhiwayo oKwaMashu eBrigde City.
Lo mzila kulindeleke ukuthi uphothulwe ngonyaka ozayo kuhlanganisa nerenki yamatekisi ezomumatha abagibeli ababalelwa ku-18 000 kuya ku-90 000 ngosuku.
Okunye wuhlelo lokuthi kwakhiwe umzila wesitimela esizohambela phakathi koMgungundlovu neTheku esizoba sezingeni eliphezulu elizomelana nezidingo zabasebenzi bamazinga ahlukene.
UMkhize ubuye waveza ukuthi isibalo sokwakhiwa kwezindlu zomxhaso sizonyuka sifinyelele ku-43 000 kulo nyaka ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu banezindawo zokuhlala.
Ngaphandle kwalokhu sekunqunywe ukuthi uMnyango wezokuBusa nokuBambisana nowezeMisebenzi yomphakathi bahlonze imikhandlu okuzokwakhiwa kuyo zonke izikhungo zeminyango kahulumeni ukuze isondelane nabantu kuphinde kusabalaliswe izinhlelo zoMnyango wezasekhaya kuzo zonke izindawo.
Okunye wukuthi izidingo ezibalulekile ebezitholakala ezibhedlela ezimbalwa okubalwa ukushicilelwa kwezitifiketi sekuzotholakala kuzo zonke izibhedlela zikahulumeni ezikhona esifundazweni.
|
|
Services
Comment Guidelines