Group
UMPHEKI obephinde abe yijaji kwiMasterchef SA uBenny Masekwameng unomnqobi kulo mncintiswano uDeena Naidoo waseThekwini. Isithombe: Lisa Skinner
DELI MNCWABE
Ebika eseGoli
INKUNZIMALANGA yompheki nejaji emncintiswaneni iMasterchef SA income isibindi nothando okukhonjiswe ngumnqobi wokuqala walo mncintiswano wakwa-DStv.
UBenny Masenkwemeng osezakhele igama ngokupheka okwezinga elicokeme uncome uDeena Naidoo (45) waseThekwini ohambe nengqophamlando yomklomelo ka-R8 million ngoLwesibili.
UBenny uthe isibindi nothando ngokupheka okukhonjiswe nguNaidoo yikhona kanye okumenze wangumnqobi. Uqhube wathi akanaluvalo ngokudlulisela indawo yokudla iMondoVino Restaurant kuNaidoo ngoba uyalishaya ibhodwe.
“Anginaluvalo nakancane ngokudlulisela iMondoVino kuNaidoo ngoba ngiyamethemba. Kona kubuhlungu ngoba le ndawo bese ngisebenze kuyona izinyanga ezingu-18 kodwa ngenxa yothando nesibindi engikubone kuNaidoo nakanjani ngibona ikusasa eliqhakazile,” kubeka uBenny oseyothatha isikhundla sokuba ngumphathi wabapheki emahhotela akwaTsogo Sun.
Ukunqoba kukaNaidoo bekulindelekile njengoba ubuchule bebhodwe kuyibo obumenze intandokazi kubabukeli maqede wehlula imbangi yakhe uSue-Anne Allen waseKapa.
Kumanje kulindeleke ukuthi uNaidoo waseQueensburgh ayosula emsebenzini lapho ebeyi-IT specialist khona eThekwini.
Ephawula uNaidoo ngokunqoba kwakhe uthe konke kube ngenxa yokuthi uyakuthanda ukupheka nokugxekwa ngumkakhe okumenze umuntu obefuna ukwenza okungcono zikhathi zonke.
Uthe: “Angikaze ngingakuthandi ukupheka. Uthando lwami belungenza ngifune ukuhlezi ngiseduze nebhodwe. Kodwa umkami ubengeve engigxeka uma kukhona la ngingenzanga khona kahle lokho bekungenza ngilungise amaphutha futhi ngifune ukwenza kangcono ngesikhathi esizayo.”
Uthe iMondoVino uzoyishintsha igama ayiqambe ngendodakazi yakhe u-Aarya engasekho.
Le ndawo eseSunSquare eMontecasino izoke ivalwe iphinde ivulwe isingaphansi kwegama likaNaidoo ngoNovemba 1.
Yize abaningi bese becabanga ukuthi angase ayiphendule ibhizinisi lomndeni uthe ngeke akwenze lokho.
Emiklomelweni kaNaidoo kubalwa iMondoVino elinganiselwa ku-R7 million intengo yayo, iholide elibheke e-Italy, imoto yakwaHyundai, izinongo zakwaRobertsons, iwayini lonyaka wonke lakwaWoolworths nokunye.
Mayelana nesiqephu esilandelayo u-Anne Davis wakwaM-Net, uthe lolu wudaba abasalucubungula.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services