BONISWA MOHALE noLUNGI LANGA
U MNIKAZI wenkampani ebhekele ukusebenza kwamabhasi kaMasipala weTheku iTansnat, uMnuz Mandla Gcaba, uthi ufuna ukuyochaza ekomitini lomkhandlu weTheku mayelana nezingqinamba ezimisa lo msebenzi ngoba usekhathele ngamanga ehlisa isithunzi sakhe.
UGcaba ekhuluma ngomlomo kaMnuz Vuyo Mkhize owengamele ezokuxhumana kwaTansnat uthe kumphethe kabi ukuthi iMeya uMnuz James Nxumalo ikhulume amampunge kuleli phephandaba ithi ayisazi isikweletu sika-R130 million esifunwa yile nkampani.
“Sekuphele iminyaka emibili uMandla Gcaba ecela ukuyochazela umkhandlu ngezingqinamba abhekene nazo njengoba ebheke umsebenzi wamabhasi owahlula uMasipala noRemant Alton kodwa enqatshelwa. Okubuhlungu ngukuthi kufafazwa izinkoleloze namaphosiso amabi okuthi uTansnat uhlale utakulwa ekubeni usuke ekweletwa nguMasipala weTheku. UMandla ufuna ukuyochazela amakhansela ngamabhasi ngoba kubuhlungu ukuthi abizwe ngaphansi kweziketi zikanina ngabasebenzi bakhe ngenxa yamaphosiso. Njengoba imeya initshele ukuthi izombiza ukuthi azochaza emkhandlwini ubengakayitholi incwadi embizayo futhi uzimisele ukuyochaza ngazo zonke izingqinamba ezikhona,” kusho uMkhize.
Uveze ukuthi uma kuphela inyanga abasebenzi bazokhokhelwa ngoba isivumelwano abasisayinile nomasipala sikubeka ngokusobala ukuthi njengoba kuqale umsebenzi maphakathi nenyanga kumele balekelelwe ukubhekana nezindleko zabo.
Ube esethumela incwadi yabameli bakwaNorton Rose Fulbright eyathunyelelwa uNxumalo, iMenenja kaMasipala uMnuz Sbu Sithole, iMenenja kaMasipala esabambile uDkt Musa Gumede neNhloko yoPhiko lwezokuThutha kwaMasipala uMnuz Thami Manyathi.
Le ncwadi ithunyelwe kwamasipala ngoJanuwari 8 kuyona abakwaTansnat bathi izinkinga ababhekene nazo zidalwe nguMasipala weTheku baveze ukuthi ngoJulayi 2 bahamba bayokhuluma nethimba elibizwa ngeTroika lakwamasipala behambisana nabacwaningi mabhuku bakwa-PFK beyochaza izingqinamba ababhekene nazo. Enye yezinkinga bekuwukunyuswa kwemali yokugibela.
Kwabe sekuqokwa ithimba elizobhekelela izingqinamba zabakwaTansnat kodwa elaphinde lahlakazwa lingakawuqali umsebenzi. Bathe ukube leli thimba lasebenza ngabe abasebenzi bakwaTansnat abazange bateleke.
Kubuye kuvele ukuthi abakwaTansnat batshela iTroika ukuthi akumele bakhokhe u-R3.1 million abawuthola eMnyangweni wezokuThutha ukubhekelela izindleko zokuboleka izimoto ngoba lokhu kwenza inkampani ingabi nemali eyanele kodwa kuthiwa umasipala wakuziba lokhu.
Encwadini ummeli uthi ngumasipala odale izinkinga zabakwaTansnat ngoba ukube wakhuphula imali yokugibela ngesikhathi utshelwa ngabe azikho lezi zinkinga eziholele ekushodeni kukadizili neziteleka zabasebenzi.
Kuthiwa umasipala awunalo uhlelo lokunyusa imali ngo-2016 okuzokwenza ukuthi uTansnat ungabi nemali eyanele.
Bathe ngoNovemba 17 abakwaTansnat bakhala ngohlelo lwamakhadi e-MUVO olwenza abantu bakhokhe kancane.
Kwathi ngoNovemba 18 basho ukuthi ukunganyuswa kwemali yokugibela yikhona okuholela ekutheni abasebenzi bangaholelwa ngesikhathi futhi bangakwazi nokuthola amabhonasi kodwa umasipala waziba.
Babe sebebala ukuthi babolile yizikweletu njengoba bekumele baboleke imali ukuze ibhizinisi liqhubeke nokusebenza, izindleko zabo zifinyelela ku-R128.81 million.
UMkhize uthe uGcaba akasakwazi ngisho nokuyoboleka imali ebhange ngenxa yokungakhokhelwa ngumasipala futhi ubebuye athathe imali yokuqhuba umsebenzi wakwaTansnat kwamanye amabhizinisi akhe.
Uthe abanayo inkinga yokuthi kwenziwe uphenyo ngendlela abasebenza ngayo nemali abayikhokhela umasipala esuke iwuxhaso oluvela emnyangweni wezokuThutha.
Abasebenzi bakuqinisekisile ukuthi bakhokheliwe imali yabo futhi baqale ukusebenza izolo.
Bathe banethemba lokuthi bazowuthola umholo wabo wokuphela kwenyanga ngoba banikezwe isiqiniseko sokuthi imali yabo bazoyithola emhlanganweni noSithole.
UNksz Tozi Mthethwa, wezokuxhumana kuMasipala weTheku, uthe wonke amabhasi azobe esebenza namhlanje njengoba sebekhokheliwe abasebenzi abangu-1 000 wathi sekusele abangaphansi kuka-10 abazokhokhelwa.