REUTERS
Dalai Lama
Uhulumeni waphula umthetho ngesikhathi engakhiphi ngokushesha i-visa evumela iDalai Lama, umholi wezenkolo eTibet, ukuthi ihambele kuleli. Lokhu kushiwo yiNkantolo yokweDlulisa amaCala eBloemfontein, izolo.
Inkantolo ithe owabe enguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma, wabambezela ukukhishwa kwe-visa, ngezizathu ezingabonakali.
Icala ladluliswa enkantolo ngumholi we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi nomholi weCope, uMnuz Mosiuoa Lekota.
Lo mholi wezenkolo waseTibet, waphoqeka ukuhoxisa uhambo lwakhe lwakuleli ngesikhathi kumele ahambele umgubho wosuku lokuzalwa luka-Archbishop Emeritus Desmond Tutu, ngesikhathi egubha iminyaka yobudala engu-80.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services